EzakamuvaIBetway Premiership

IPirates izogadla ngobegijima kuMaZulu FC

SIHLE NGUBO

I-Orlando Pirates ihlabane ngesibabuli somdlali waMaZulu FC ebesikade isigaqele njengoba kulungiselelwa isizini entsha yeBetway Premiership.

Usuthu luqinisekise ukuthi uTshepang Moremi, odume ngomjiko nejubane, uzobe egijima kwiBucs ngesizini ezayo.

“Sifisela uTshepang konke okuhle njengoba ezoqala isahluko esisha ebholeni lakhe,” kusho uPedro Dias oyiDirector of Football kuMaZulu.

UMoremi ufike kuMaZulu evela kwiBizana Pondo Chiefs ngo-2022.

Uke wabolekiswa kwiJDR Stars kodwa wabuya kuleli qembu laKwaZulu-Natal, wakhombisa ukuthi alenzanga iphutha ngokumsayinisa.

Lo mdlali useyabizwa nakwiBafana Bafana futhi ubekhona ngesikhathi ishaya iMozambique ngo 2-0 emdlalweni wakamuva wobungani.

IPirates isanda kudedela uThabiso Monyane noPaseka Mako, kanti akucaci ngekusasa likaMonnapule Saleng.

Ngasohlangothini loSuthu ludedele inqwaba yabadlali nokushiya imibuzo yokuthi yibaphi asebesayine kulona.

Usuthu luqinisekise ukuthi ngeke lusazivuselela izinkontileka zikaVeli Mothwa, u-Andile Mbanjwa, u-Abbubaker Mobara.

USandile Khumalo, uMbongeni Gumede, uKwanda Mngonyama, uRamahlwe Mphahlele, uThembela Sikhakhane, uWayde Jooste.

USkhulile Manyoni, uRowan Human, u-Ethan Brooks, u-Augustine Mulenga, uMsindisi Kunene, uJunior Dion noBoniface Haba.