IChiefs ingase ingayivuseleli inkontileka yomdlali ogejayo
SIHLE NGUBO
Umgadli weKaizer Chiefs uRanga Chivaviro usenikwe kakhulu ithuba kuleli qembu laseNaturena kodwa izinto azimvumi nhlobo.
Lo mdlali, oneminyaka engu-32, ufike kuMakhosi ngoJuni ka-2023 kunethemba lokuthi uzoyisiza ixazulule inkinga yamagoli.
Ubephuma kwiMarumo Gallants lapho abewaqhulula khona amagoli, nokuyikona okuhehe iqembu laseNaturena.
Nokho ngemuva kwemidlalo engu-45 lo mgadli usashaye amagoli ayishiyagalolunye kuphela egqoke imibala yaMakhosi.
Lokhu kwenza abukeke emancane kakhulu amathuba okuthi ivuselelwe inkontileka yakhe ekupheleni kwesizini.
UChivaviro uyawathola amathuba okushaya amagoli kodwa inkinga yakhe enkulu ukugeja.
IChiefs kulindeleke ukuthi yenze izinguquko ekupheleni kwesizini, ithole abadlali abasha bese idedele abathile.
Leli qembu laseNaturena sekuke kwavela ukuthi lisamfuna umgadli ukuxazulula inkinga yokuhlulwa amathuba alula okushaya amagoli.
Kubadlali okuvela ukuthi bangase bachithwe abanye babolekiswe, kukhona yena uChivaviro, uGeorge Matlou, uBongani Sam noZitha Kwinika.
IChiefs ithelwe othulini yiRichards Bay FC ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.
Leli qembu elicijwa uNasreddine Nabi lisendaweni yesishiyagalombili kwilogi yePremieship.
Nokho abalandeli basahlalele ethembeni lokuthi iChiefs ingayiqeda indlala yezindebe ngokunqoba iNedbank Cup ka-2025 ekupheleni kwesizini.
Amakhosi azobhekana neMamelodi Sundowns noma iSekhukhune United (kowandulela owamanqamu) abasazodlala umdlalo we-quarterfinal owahlehliswa.
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzobhekana i-Orlando Pirates neMarumo Gallants.