Afcon 2023Ezakamuva

Kushode agiye uMicho i-Algeria ibhula amazolo kwi-Afcon

Owayengumqeqeshi weqembu lesizwe lase-Uganda uMilutin ‘Micho’ Sredojevic wajabula kwathi akazithanqaze kukhishwa kwe-Algeria kwi-Africa Cup of Nations ka-2023.

I-Algeria iqede isemsileni kuGroup D, iqoqe amaphuzu amabili kuphela emidlalweni emithathu. Ligawula izembe. 

Isipikili sokugcina sashayelwa yiMauritania, eyayibamba ngesibhaxu sika 1-0 emdlalweni wokugcina.

Lokhu kwamjabulisa kwathi akagiye uMicho, owabona sengathi i-Algeria yadedela iTanzania (eyayiqeqeshwa odabuka e-Algeria u-Adel Amrouche) ukuthi ingene kwi-Afcon ngesikhathi semidlalo yokuhlunga. 

“Bantu base-Algeria abathandekayo, ngiyaxolisa ngesimo esingesihle, nenze kangcono ngokuzayo,” wabhala kanje uMicho kwi-X.

I-Uganda, yashaya iNiger ngo 2-0 emdlalweni wokugcina wokuhlunga, kannti kwakumele ingene kulo mqhudelwano ose-Ivory Coast.

Kodwa lokho kwakuncike ekutheni i-Algeria ivulele isibhaxu kwiTanzania, kodwa umdlalo waphela zibambene.

Kuyacaca uMicho ubona sengathi lokhu kwenzeka ngoba i-Dessert Warrios yenzelela umqeqeshi wangakubo u-Amrouche.

“Okutshalayo, uyokuvuna. Lento enaniyipheka ngoSepthemba, u-Allah uniphakele khona ngoJanuwari,” kuqhuba uMicho.

“Ibhola liwumdlalo ononya. Okungenani manje seniyazi ukuthi abantu base-Uganda abangu-50 million bazizwa kanjani ngoSepthemba…”

Abantu base-Uganda babuye bajatshuliswa nawukuthi izinto aziyihambelanga kahle iTanzania njengoba no-Amrouche exoshwe ungakapheli mqhudelwano. 

U-Amrouche wamiswa yiCaf ngemuva kokukhuluma amagama amabi esola iMorocco ngokuthi ithenga onompepe.

Inhlangano eyengamele ibhola eTanzania yabe seyimxosha, kanti leli qembu kwalona ligcine liphume lingenzanga lutho olutheni kulo mqhudelwano. 

UMichi yena wesula kwiCranes ngemuva kokuhluleka ukufaka leli qembu kulo mqhudelwano oqhubekayo e-Ivory Coast. 

Nokho kubukeka esangaphinde abuye ngoba uyalithanda leli qembu, kanti nabalandeli bayakholelwa kuye.