EzakamuvaIBetway Premiership

IPirates isayinise obemataniswa neChiefs

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates imangaze abaningi isayinisa umdlali obekubhekwe ukuthi athushuke kwiKaizer Chiefs uma seyimemezela abadlali bayo abasha, uSipho Mbule.

Lo mdlali, obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiSekhukhune United, bese kuphele isikhathi eside emataniswa neChiefs njengoba inkontileka yakhe neDowns iphela ekupheleni kukaJuni.

UMbule kuke kwavela ukuthi i-agent yakhe ‘imdayisela’ iChiefs nokuyinto eshiwo uyena ngqo uMike Makaab.

Ngemuva kwalokho uxolisile wathi bekungamele akhulume kanjalo aze abalule igama leChiefs.

UMbule alingatshazwa ikhono lakhe ebholeni futhi uzofaka ukushisa okubonakalayo kuMakhehleni Makhaula, uKabelo Dlamini noMiguel Timm endishini.

Akwaziwa ukuthi yini eyenze iChiefs ingamthathi uMbule ‘isimnikiwe’ kodwa okwaziwayo ukuthi uyahlupha ngokuthanda kakhulu utshwala.

Ngaphandle kwalokho Amakhosi ayemfuna lo mdlali ngaphambi kokuthi asayine kwiSundowns kodwa kwagcina kungenzekanga.

IPirates ibukeka izowufaka kakhulu umbango wesicoco seligi kulokhu njengoba isayinise abadlali abafana noYonela Mbuthuma osuka kwiRichards Bay FC, noTshepang Moremi obedlala kuMaZulu FC.

EZimnyama zizolibangisa eSpain ukuyolungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.

IBucs izovula isizini ngokubhekana nePolokwane City emdlalweni weMTN8. Amaqembu azodlala kulo mqhudelwano asazoqhathwa ngokusemthethweni bese kumenyezelwa izinkundla nezinsuku zemidlalo.

IPirates iyona evikela indebe yeMTN8 esiyithathe kathathu kulandelana.