EzakamuvaIbhola

IChiefs izobhekana ne-Asante Kotoko koweToyota Cup eMabhida

 

SIHLE NGUBO

Izodlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, iToyota Cup ka-2025 lapho kuzotholana phezulu iKaizer Chiefs ne-Asante Kotoko yaseGhana.

Lo mdlalo uba khona minyaka yonke ngaphambi kokuthi kuqale isizini entsha.

Ngesizini edlule iChiefs idlale neYoung Africans yaseTanzania, eToyota Stadium, eBloemfontein.

Kulokhu kuzojabula abalandeli baMakhosi baseThekwini njengoba uzodlalwa ngoJulayi 26 eMoses Mabhida Stadium.

“Sizizwa sikhethekile ukwamukela abangani bethu abavela eGhana emhlabathini waseNingizimu Afrika,” kusho uJessica Motaung oyiMarketing and Commercial Director yeChiefs.

“I-Asante Kotoko iyingxenye yomlando wethu. IToyota Cup izokwenza i-Afrika ibumbane ngonobhutshwayo futhi iwukujabulela ifa lethu.

“ITheku akuyona nje indawo ekhiqiza izimoto iToyota South Africa kodwa yindawo enhle kakhulu yokubhala isahluko sethu esilandelayo, ngemuva kokunqoba iNedbank Cup ngoMeyi eMoses Mabhida Stadium.”

IChiefs ishaye i-Orlando Pirates ngo 2-1 kule nkundla yaqukula indebe yeNedbank Cup ngoMeyi nonyaka.

“Siyajabula kakhulu ukuza eNingizimu Afrika ukuzodlala iToyota Cup ka-2025,” kusho u-Edmund Awuah we-Asant Kotoko.

“Ibhola lihlale lingumxhumanisi omkhulu phakathi kwabantu nezizwe ezihlukene.

“Lo mcimbi ukhombisa ukuthi kwenzekani uma ezemidlalo zesekwa umbono nenhloso.

“Siyaziqhenya ukuba yingxenye yalo mbungazo wokuhlanganisa i-Afrika futhi sincoma iToyota neKaizer Chiefs ngokuhlahla indlela ukukhombisa ukuthi ibhola lase-Afrika lingaba kuphi.”

Amathikithi omdlalo azoqala ukudayiswa ngoJuni 26 kanti abiza u-R80. Azodayiswa eShoprite, Checkers nase-Usave.