I-CAF seyinqume ukuphuca iSenegal indebe ye-AFCON, yayinika iMorocco
SIHLE NGUBO
I-Confederation of African Football (CAF) seyinqume ukuphuca iSenegal indebe ye-Africa Cup of Nations (AFCON) eyinqobe ngokushaya osokhaya iMorocco kowamanqamu ngoJanuwari 18.
Kulo mdlalo wamanqamu kwaba nesigameko esingesihle ebholeni lase-Afrika, okwaze kwaholela ekutheni abadlali beSenegal badube, baphume enkundleni.
Ngaleso sikhathi babekhala ngephenathi eyabekwa unompempe sekusele amanenjana ukuthi kuphele umdlalo, lapho zazibambene ngo 0-0.
USadio Mane wabancenga abadlali base Senegal, abase besezindlini zokushintshela, ukuthi babuyele enkundleni baqedele umdlalo.
Lokhu kwabukeka kuyisinqumo esiphusile njengoba umdlali weMorocco, uBrahim Diaz, ayigeja iphenathi umdlalo waya esikhathini esengeziwe.
Izinhliziyo zabadlali nabalandeli baseMorocco zephuka phoqo esikhathini esengeziwe, ngesikhathi uPapa Gueye eshaya igoli lokuwina, iSenegal yagcina ingompetha be-AFCON.
Nokho ngemuva kwezinyanga ezimbili iSenegal seyiphuciwe indebe ye-AFCON, yanikwa iMorocco okuyiyona esimenyezelwe njengompetha.
Lokhu kuyinto yokuqala ngqa ukwenzeka emlandweni webhola lase-Afrika futhi akungabazeki ukuthi kuzoshiya izinkulumo eziningi.
I-CAF Appeals Committee iziseke ngokuthi isebenzise u-Article 82 no-84 we-AFCON Regulations, othi uma iqembu “lenqaba ukudlala noma lishiya inkundla ngaphambi kokuthi kuphele umdlalo, lingagunyaziwe unompempe, kumele lithathwe njengelehluliwe futhi likhishwe unomphelo kulowo mqhudelwano osuke uqhubeka.”
Le migomo iqhuba ithi iqembu elephula le mibandela “lilahlekelwa umdlalo kuthiwe lishaywe ngo 3-0.”
Abaphathi bebhola baseSenegal sebefunge bagomela ukuthi lolu daba bazoludlulisela phambili ngokushesha, kwiCourt of Arbitration for Sport.
“ISenegalese Football Federation izwakalisa ukungenami ngalesi sinqumo esingesihle, esicekela phansi isithunzi zebhola lase-Afrika,” isho kanje esitatimendeni.
Konke lokhu kuchaza ukuthi alukapheli lolu daba, okuyinto engeyinhle neze uma kukhulunywa ngokuhlonipheka kwebhola lase-Afrika emhlabeni.

