UMihlali ubalisa ngomfowabo ‘ongafikalanga ezingeni elimfanele’
Isihlabani seBafana Bafana, uMihlali Mayambela usevule isifuba ngokungafinyeleli ezingeni elalibhekiwe kukabhuti wakhe omdala uMark Mayambela.
UMark kumanje usengumqeqeshi wezinkulisa kwiCape Town City kanti ushiye ekudlaleni ngo-2022 eneminyaka engu-34.
Ubengumdlali onekhono eliphezulu futhi uke wagijima kw-Orlando Pirates, Bloemfontein Celtic, Djurgårdens IF, neChippa United, phakathi kwamanye amaqembu.
“Cha, akazange nakancane afike ezingeni elimfanele… Akafezanga ngisho u-50% walokhu ayengakwenza. Naye uyakwazi lokho,” kusho uMihlali.
“Ngimtshela njalo lokho. Akazange afike la ayefanele khona. Ngesizathu esithile, akazange,” kugcizelela uMihlali.
Njengoba esengumqeqeshi nje, uMihlali ukholwa wukuthi uMark uzokwazi ukufika ezingeni eliphezulu.
“Mhlawumbe uzofeza ikhono lakhe njengomqeqeshi.” Ukholwa wukuthi unakho okudingekayo ukuze aphumelele kuyona.
“Ngachitha isikhathi esiningi naye, empeleni ngaphezu kwanoma yiliphi elinye ilungu lomndeni, futhi wangisiza kakhulu,” kusho yena.
“Izinto engizifunde kuyena ngibone zenzeka kuyena ngoba akayena umuntu okhuluma kakhulu.
“Kodwa ungumuntu onesibindi. Ubengumfanyana kodwa bekufanele anakekele umndeni, futhi ukwenze kahle lokho.”
UMihlali Mayambela uthe ushiye eNingizimu Afrika wayodlala phesheya kwezilwandle ngoba efuna ukuzicabela eyakhe indlela, angacashi ngegama likabhuti wakhe.
“Wayenethalente elingcono kunami, lokho kuyiqiniso elingephikwe. Kodwa mhlawumbe kukhona enginakho yena angenakho.
“Futhi kuyangisebenzela. Isizathu esikhulu esenza ngihambe ngiye phesheya kwezilwandle ukuthi ngangifuna ukuba yindoda ngokwami.
“Ngangifuna ukwenza okwami, ngifunde emaphutheni ami, futhi ngingahlali ngicashe ngaye.”
UMihlali usehlale e-Europe cishe iminyaka eyisishiyagalolunye. Useke wadlala kwiDjurgården neBrage eSweden, iFarense neCoimbra ePortugal, iBnei Yehuda Tel Aviv eIsrael njengoba manje ekwi-Aris Limassol.
“Okungigcine isikhathi eside e-Europe wukuthi yiyona mpilo ebengiyifuna ngempela le.
“Ngangazi ukuthi kuzoba nezinselelo ikakhulukazi onyakeni wami wokuqala.
“Akulula. Ukude nekhaya, uwedwa, futhi uma unenkinga, akekho ongakhuluma naye. Kufanele ushayele ekhaya ukuze uthole izomchazela ngezinselelo zakho.
“Lezo yizinhlobo zezinselelo engibhekane nazo, kodwa okukhulu okungigcine ngikhona wukuthi bengikwazi engifuna ukukuzuza.
“Bengifuna ukuya e-Europe futhi ngeke ngikwazi ukuvele ngikushintshe lokho ngibuyele ekhaya.
FUNDA NALA: UMatlou ubonga uDoctor, Mooki no-Ace ngezeluleko ngeChiefs
“Kuningi engikufundile hhayi nje njengomdlali webhola kodwa njengomuntu,” usho kanje, engeza ngokuthi ufuna ukubuya ekhaya ngaphambi kokuwabeka ethala amakhokho.