UMokwena nokusha ngoGaston Sirino ofuna ukuhamba kwiDowns
Njabulo Shezi
Seziyabalwa izinsuku zikaGaston Sirino eChloorkop njengoba iqembu elimfunayo seligcine livelile lafaka isicelo sokumthenga.
Impempe ike yabika ngempelasonto ukuthi lo mdlali usefana nomfazi ohlalela abantwana emzini uthando lungasekho.
Naye uSirino inhliziyo yakhe ayisekho kwiMamelodi Sundowns njengoba esefuna ukuyozama kwenye indawo ngemuva kweminyaka eyisithupha ekuleli qembu.
UGaston Sirino usewine izicoco zeligi amahlandla ayisithupha neSundowns kusukela afika kuyo ngo-2018.
Ebuzwa ukuthi kwenzakalani ngalo mdlali, umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena uqale wachaza ukuthi kumele acabangisise ngaphambi kokuphendula.
“Uma ngikhuluma izindaba zeqembu kuyenzeka ngigcine sengifaka imibono yami kuzo,” kusho uMokwena.
“Kuwumsebenzi wami ngenxa yalesi sikhundla enginikwe sona ukuthi ngisize hhayi abezindaba nje kuphela.
“Abezindaba banomsebenzi obalulekile wokudlulisa ulwazi futhi bafundise umphakathi. Ngakho kubalulekile ukuthi ngingakhulumi okungeyikho.
“Kodwa noma kunjalo kunejioka elinzima engilithwele lokuvikela isithunzi seqembu nabadlali khona lapho ngiphinde ngifake nombono wami.
“Kodwa lowo ngumbono nje womuntu oqashiwe eqenjini. Kwenzakalani kubo bonke abadlali?
“Kuwumsebenzi weqembu ukuninikeza ulwazi ngalokho, yilona kuphela iqembu elifanelwe ukwenza lokho.
“Yonke into eyenziwa yimi, nawo wonke omunye umuntu oqashiwe eqenjini, kwenzelwa ukusiza iqembu.
“Leyo ndaba manje seyisezandleni zabaphathi beqembu futhi yibo abazonazisa uma kukhona abafisa nikwazi.
“Nginesiqiniseko sokuthi iqembu lizonazisa (maduze),” kuchaza uMokwena, ebalekela ukuphumela obala.
Nokho ngempelasonto edlule wakubeka kwacaca ukuthi uGaston Sirino uselazisile iqembu ukuthi ucela ukudedelwa uma kufika iqembu elimfunayo.
FUNDA NALA: Asezodlala eyomkhumulajezi awe-ABC Motsepe League eKZN
Kuvela ukuthi iqembu eselivelile yi-Al Wahda yaseu-UAE eqeqeshwa nguPitso Mosimane okunguye owaletha uSirino kwiSundowns.