EzakamuvaIbhola

Kukhona noSesane kwabayisikhombisa abachithwe yiPirates

SIHLE NGUBO

Kugqame igama likaThabiso Sesane kubadlali abayikhombisa abadedelwe yi-Orlando Pirates njengoba kuzoqala isizini entsha ka-2026/2027.

Lo mdlali wasemuva uqale ukudlalela iPirates ngo-2020, ngesikhathi kusadlange kakhulu iCovid-19.

Udlale imidlalo engu-48, wasiza ukwakha amagoli amabili, langaba khona alishayayo.

USesane uzojoyina iSiwelele FC eqeqeshwa uLehlohonolo Seema owayengukaputeni wePirates.

Lo mdlali unekhono kakhulu kodwa into ebibuye imkhinyabeze kwiBucs ukulimala njalo.

Abanye abadlali abadedelwe yiPirates, uSelaelo Rasebotja (Siwelele FC), uSiyabonga Ndlozi (Sekhukhune United), uGomolemo Khoto (Sekhukhune United), uSonwabo Khumalo (Midlands), uBlessing Ngiba (Midlands) noSeth Green (Durban City).

“Ngamunye walaba badlali ufake isandla ngendlela ebonakalayo eqenjini ngesikhathi sabo kwi-Orlando Pirates,” kusho isitatimende seBucs kwi-website yayo.

“Phakathi enkundleni nangaphandle kwayo ukuzinikela kwabo bekucacile, sikubonile.

“Iqembu lithanda ukubonga umdlali ngamunye ngokuzinikela nokuziphathisa kwabadlali bebhola elikhokhelayo ngesikhathi sabo nathi.

“Iqembu lifisela laba badlali impumelelo njengoba bethatha isahluko esisha empilweni yabo yebhola.

“I-Orlandopirates.com izoqhubeka nokunika abalandeli okwenzekayo esikwatini njengoba kuqhube amalungiselelo esizini entsha.”

Omunye umdlali osanda kushiya kwiPirates, uRelebohile Mofokeng, osezodlala kwiRoyale Saint-Gilloise yaseBelgium.

IBucs isanda kwethula uNeo Rapoo, obekwiSiwelele, u-Aphiwe Baliti naye ovela kwiSiwelele noMatome Mmolai obedlalela iLeicesterford, njengoba kuzoqala isizini entsha.