UMike Makaab ubabaza ikhono ku-Cheese osayine kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Uphuma emndenini webhola u-Ethan “Cheese” Chislett osanda kusayina inkontileka yeminyaka emibili neKaizer Chiefs.
Ngesizini edlule lo mdlali ubegijima kwiPort Vale FC edlala kwi-English Premier League Two.
Lo mdlali usize iqembu lakhe ukuthi linyukele kwiLeague One kodwa wangabe esafuna ukusayina inkontileka entsha naleli qembu.
Kuvela ukuthi phakathi kwamaqembu abemfuna kukhona iMotherwell edlala kwiScottish Premiership, neWigan egijima kwi-EFL.
UChislett, oneminyaka engu-26, unawo amava njengoba eke wadlala kwiReus FCR edlala esigabeni sesine eSpain, neWimbledon yaseLondon ngo-2020.
UMike Makaab oyi-agent ngaphansi kweProsport International, akawuvali umlomo ngalo mdlali.
“Ngangimele uyise (uDonovan Chislett), wayengumdlali osebenza ngokuzikhandla, eqinile,” kusho uMakaab kwiDiski Times.
“Kodwa ngesikhathi ngibona u-Ethan edlala, ngabuka imidlalo eminingi yakhe… hhayi angiwuvali umlomo.
“Unenjini kodwa ubuhlakani bakhe, ukuphasa ibhola, ukushaya amagoli, amakhona nama-free kick, kusezingeni eliphezulu.”
UDonovan wayedlalela iManning Rangers eyaba ngompetha bokuqala bePremiership ngesizini ka-1996/1997.
UMakaab uthe bese bekhulumile neMotherwell sekusele u-Ethan asayine “kodwa inhliziyo yakhe ibisekubuyeleni eNingizimu Afrika futhi iqembu lokuqala alikhethile yiKaizer Chiefs.”
Umkhulu ka-Ethan yena, uGordon Chislett, wayedlalela iDurban Wanderers neqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.
Abalandeli baMakhosi bazothola ithuba lokubona uCheese wabo omusha uma iChiefs seyitholana phezulu ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 26.

