EzakamuvaIbhola

Owayedlala kwiDowns uvalelisile kwiWydad Athletic Club

SIHLE NGUBO

Useqinisekise ukuthi ngeke esaqhubeka nokudlalela iWydad Athletic Club yaseMorocco uCassius Mailula, obegijima kuleli qembu ngesizini edlule.

Lo mdlali, ogqame kwiMamelodi Sundowns, ubebolekisiwe kuleli qembu esuka kwiToronto FC edlala kwiMajor League Soccer (MLS) yaseCanada.

UMailula ubehambe neWydad ukuya kwiClub World Cup ese-USA, lapho leli qembu lihlulekile ukudlulela kwi-last 16.

Ushaye igoli ngesikhathi bedliwa yi-Al Ain ngo 2-1 emdlalweni wokugcina wamaqoqo.

“Kungizwisa ubuhlungu ukubhala lo myalezo njengoba ngifisa ukunazisa ukuthi ngeke ngisaqhubeka neqembu ngesizini ezayo,” kusho isitatimende sikaMailula.

“Isikhathi sami kwiWydad sibe esibalulekile nesinginike amava amakhulu. Yinto engiyibonga kakhulu leyo.

“Ngithanda ukubonga wonke umuntu. Kusukela konogada kuya ethimbeni labaqeqeshi nozakwethu ebesidlala nabo.

“Ububele benu nokungeseka kusho lukhulu kimini. Ninendawo ebalulekile enhliziyweni yami.

“Ngithanda ukubonga umengameli weqembu ngokunginika ithuba lokudlalela iWydad, nomqeqeshi uRulani (Mokwena) ngokukholelwa kakhulu kimina.

“Ngaphandle kokungethemba kwakhe ngabe angiyena lo mdlali enginguyena namuhla.

“Ngithanda ukufisela iqembu, abalandeli nabo bonke abaxhumene nalo, impumelelo yodwa ngesizini ezoqala.”

UMokwena uyena olande uMailula noThembinkosi Lorch ngesikhathi esacija iWydad ngesizini edlule.

Lo mqeqeshi ushiyile kuleli qembu ekupheleni kwesizini nokwenze ukuthi angabe esaya nalo kwiClub World Cup ese-USA.

ULorch naye kulindeleke ukuthi abuyele kwiSundowns njengoba ubebolekisiwe kwiWydad.

Lo mdlali, ogqame kakhulu kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokujoyina iSundowns, udlale ibhola elihle kwiClub World Cup, ngakho akwaziwa uzohlala yini kwiSundowns noma uzothola elinye iqembu.