EzakamuvaIbhola

U-Edmilson Dove ubona umehluko oza noNtseki kwiChiefs

Alfred Ngubane

Umdlali wasemuva weqembu lesizwe laseMozambique neKaizer Chiefs, u-Edmilson Dove uthi ukhona umehluko ofike noMolefi Ntseki. 

U-Edmilson Dove uthi uNtseki ubevele ekhona eduze neqembu nangesizini edlule kungukuthi bekungeyena othatha izinqumo. 

“Ngesizini edlule uNtseki ubengeyena umqeqeshi othatha izinqumo enkundleni kodwa  manje nguyena owenza lowo msebenzi,” kusho yena.

Ubechaza kulandela ukuthi abalandeni abaningi bethi abawuboni umehluko ozokwenizwa nguNtseki ngoba iChiefs ihluleke ekhona nangesizini edlule.  

“Abantu abaningi  abaqondi ngezinqumo zabaqeqeshi njengoba abanye bethi uNtseki ubekhona ebhentshini labaqeqeshi abebeqeqesha iChiefs.”

Lolu guquko kubaqeqeshi kwiChiefs lwenziwe ngusihlalo weqembu uKaizer Motaung ngoba kukhona akubonayo. 

U-Edmilson Dove ubona uNtseki nabadlali abasha kuleli qembu bezozijika izinto, balibuyisele isithunzi iqembu. 

Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs ayibanga namasizini amahle kule minyaka embalwa edlule. 

Iqinise ngabadlali abafana noMduduzi Mdantsane, Pule Mmoni noGiven Msimango  uDove athi bangena kahle esitayeleni seqembu. 

FUNDA NALA: UTapelo Xoki uthembisa iPirates engcono uma seyisekhaya

IChiefs iseThekwini la izoqala khona umkhankaso weDStv Premiership ibhekene neChippa United ngeSonto ngo-3 ntambama.