EzakamuvaIbhola

IChiefs isihlome ngabeBucs, usuphelile uphawini wabangaphandle

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi imemezele abanye abadlali abasha kodwa mancane amathuba okuthi kuphinde kube khona ovela ngaphandle kwaseNingizimu Afrika ngokuzalwa kubona.

Amakhosi aqede ukuqagela ethula ngokusemthethweni umgadli uFlavio Silva obedlala e-Indonesia, umdlali wasemuva kwesokunxele uNkanyiso Shinga no-Ethan “Cheese” Chislett obedlala e-England ngoLwesibili.

Akugcinanga lapho njengoba kuthe ngoLwesine Amakhosi aphinde ethula ngokusemthethweni uThabiso Monyane noPaseka Mako abadedelwe yi-Orlando Pirates, noSiphesihle Ndlovu, obekwiSuperSport United.

Ukusayiniswa kukaNdlovu kungenzeka ukuthi kungenxa yokuthi iChiefs ihlulekile ukuthola uYaya Sithole onqume ukungabuyeli eNingizimu Afrika.

Leli qembu laseNaturena kusalindeleke ukuthi lethule abanye abadlali njengoba lilungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.

Omunye umdlali obekuvela ukuthi usethathwe yiChiefs u-Etiosa Ighodaro obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu FC.

Nokho ukwethulwa kukaSilva kwenza kungabazeke ukuthi lo mgadli uzogcina ethushuke kwiChiefs.

Amakhosi avele anabadlali abahlanu manje okungebona abokudabuka eNingizimu Afrika.

Labo badlali u-Inacio Miguel, u-Edson Castillo, uGlody Lilepo, uFlavio Silva noFiacre Ntwari.

Uma iChiefs ifuna ukusayinisa omunye umdlali wangaphandle kungamele kube khona emchithayo noma embolekisayo kulaba abahlanu abasemabhukwini ayo.

U-Asanele Velebayi, obekwiCape Town Spurs, akucaci ukuthi uzogcina egijima kwiChiefs yini njengoba kuke kwavela imibiko yokuthi izomsayinisa.

IChiefs ibhekise amabombo eNetherlands ngoLwesine ukuyolungiselela isizini entsha.

Izodlala imidlalo yobungani namaqembu amathathu akuleli lizwe ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika.

NgoJulayi 26 iChiefs izogoqa amalungiselelo esizini ngokubhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.