Kufezeke isifiso sikaMammila ngemidlalo yePSL yokuhlunga
SIHLE NGUBO
IBaroka FC izothola ithuba lokulwela ukunyukela kwiDStv Premiership ngesifiso sikaMorgan Mammila ongumqeqeshi wayo.
Lokhu kulandela ukubambana ngo 1-2 kwe-University of Pretoria neRichards Bay FC, emdlalweni wokuhlunga iqembu elizoyibamba kwiPremiership ngesizini ezayo.
Lo mphumela uchaza ukuthi iNatal Rich Boyz neTuks babambene ngamaphuzu amahlanu njengoba sekusele umdlalo owodwa kuphele le midlalo.
I-Tuks ngeke isakwazi ukunyukela kwiPremiership ngoba seyiqedile ngemidlalo yayo. Konke sekulele kwiBay ukuthi ingavumeli ukushaywa yiBaroka FC emdlalweni wokugcina.
UMammila uthe kungakuhle iTuks neBay badlale ngokulingana “bese sibone ukuthi kwenzekani emdlalweni wokugcina.” Kuyengesifiso sakhe njengoba benalo ithuba elincane lokulwa bese banyuke.
IBaroka inamaphuzu amabili kanti kumele inqobe ngamagoli amaningi ukuze inyukele kwiPremiership. Lo mdlalo ubhekwe kakhulu futhi uzodla ngokushuba.
INatal Rich Boyz izodlala neBakgaga eThekwini ngoLwesithathu, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3 ntambama.