EzakamuvaIbhola

Umqeqeshi olaxazwe yiDurban City uthushuke kuMaZulu FC

SIHLE NGUBO

Uthushuke kuMaZulu FC umqeqeshi uSimo Dladla olaxazwe yiDurban City ngemuva kokuyinyusela kwiBetway Premiership ngenyanga edlule.

Lokhu kuqinisekiswe yilona Usuthu ukuthi uDladla uzoba yiphini lomqeqeshi kuleli qembu laseThekwini eliholwa u-Arthur Zwane njengomqeqeshi oyinhloko.

Kumangale abaningi iCity ilaxaza uDladla oyinyusele lapho kunoju khona ngokunqoba iMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.

Ngokwesitatimende esikhishwe yiCity bazamile ukuxoxisana nalo mqeqeshi kodwa bangakwazi ukuvumelana.

Abachazanga ukuthi yini le abangavumelananga ngayo kodwa kusolakala bebebanga imali.

Usuthu alubange lusapholisa amaseko lwamnqaka uDladla obekusaphele izinsuku ezimbalwa echithwe yiCity.

“AmaZulu FC anentokozo ukumemezela ukuqashwa kukaSimo Dladla ethimbeni labaqeqeshi leqembu elikhulu njengephini lika-Arthur Zwane,” kusho isitatimende soSuthu.

“UDladla usanda kuba nempumelelo enhle njengoba enyusele iDurban City kwiBetway Premiership esikhathini esingangenyanga esedlule.

“Akamusha kuMaZulu njengoba eke waligqoka ijezi elinokuluhlaza nokumhlophe ngezikhathi zakhe esadlala, nokuchaza ukuthi ubuyela endaweni ayaziyo.”

Ekhuluma ngokuzosebenzisana noZwane kanjalo noSiboniso Vilakazi, ongelinye lamaphini, uDladla uzwakalise ukujabula kakhulu.

“Ngijabula kakhulu ngaleli thuba emsebenzini wami,” kusho uDladla.

“AmaZulu yiqembu elikhulu eliphokophelele izinto ezinkulu. Ngikubheke ngabomvu ukuba yingxenye yalolu hambo.”