EzakamuvaIbhola

IDowns ivalelise abadlali engasabadingi eChloorkop

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns ibukeka izama ukushanela amabala ngokuchitha abadlali engasabadingi ngaphambi kokuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership.

Abafana Ba’Style basanda kubuya kwiFifa Club World Cup lapho benze kahle khona yize bengadlulelanga esigabeni esilandelayo.

ISundowns inqobe umdlalo owodwa, yashaywa kowodwa, yase idlala ngokulingana komunye, kulo mqhudelwano osufinyelele kweyandulela owamanqamu.

NgoLwesibili ngo-8 ebusuku iFluminemse yaseBrazil, izobhekana neChelsea yase-England kowandulela owamanqamu wokuqala.

Kuzothi ngoLwesithathu iReal Madrid, yaseSpain, neParis Saint-Germaine yaseFrance, batholane phezulu kowandulela owamanqamu wesibili.

ISundowns seyiqinisekise ukuthi kuphelile phakathi kwayo noLebogang Maboe kanjalo noRivaldo Coetzee.

Laba badlali bese bebe yingxenye yeSundowns isikhathi eside futhi babe nesandla ekunqobeni kwayo izindebe eziningi.

UMaboe ubebolekisiwe kwiSuperSport United, esanda kudayiswa, ngesizini edlule.

UCoetzee ubekhona kuBafana Ba’Style kodwa into ebibuye imhluphe kakhulu ukulimala.

Leli qembu laseChloorkop kulindeleke ukuthi liphinde lidedele abanye abadlali kulandela amahlebezi athi umqeqeshi uMiguel Cardoso ufuna ukusebenza nesikwati esingesikhulu kakhulu.

UPeter Shalulile kuvela ukuthi kunamaqembu amfunayo eMiddle East, kanti akucaci noma uzohlala yini uThapelo Maseko.

Ikhona nemibiko ethi uLucas Ribeiro kukhona amaqembu amcathamelàyo kulandela ukwenza kahle kwiClub World Cup ese-USA.

Omunye umdlali okumele icacise ngaye iSundowns uThembinkosi Lorch, obebolekiswe kwiWydad Athletic Club yaseMorocco.

Lo mdlali kubhekeke ukuthi abuyele kwiSundowns kodwa kuvela ukuthi iWydad iyafuna aqhubeke nokudlala kuyona.