Owe-Orbit College ucacisa ekaSaleng nokubolekiswa yiPirates
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi we-Orbit College, esanda kukhuphukela kwiBetway Premiership, uPogiso Makhoye, uchitha imibiko yokuthi uMonnapule Saleng we-Orlando Pirates uzobolekiswa kuleli qembu.
Lo mdlali sekuphele izinyanga eziyisithupha zonke kuqagelwa ngesimo sakhe kwiPirates.
Konke kuqale ngesikhathi engasadlaliswa, kwavela ukuthi uxabene nabaphathi beqembu ngenxa yokubanga iholo lakhe.
Ngemuva kwalokho iPirates ayizange iphumele obala ngokuthi kwenzekani ngoSaleng, ogcine ukudlala ngoDisemba.
USaleng sekushiwo izinto eziningi ngaye nokumbandakanya ukuthi uke wasayina inkontileka yesibambiso neKaizer Chiefs.
Nokho kuphinde kwavela ukuthi akukho lokho ngoba lo mdlaloli usasalelwe yiminyaka emibili enkontilekeni anayo neBucs.
Muva nje usekhonjwa kwi-Orbit College, kanti abanye bathi uzojoyina iqembu eSpain, lapho liyolungiselela khona isizini.
UMakhoye uthe okwamanje akukho okuhlanganisa uSaleng nokuza eqenjini aliqeqeshayo i-Orbit College.
“Cha, ayikho into efana naleyo,” kusho uMakhoya kwiSoccer Laduma.
“Akezi kithina ngokubolekiswa yi-Orlando Pirates uSaleng. Ungumdlali wePirates futhi thina asihlanganise lutho nalokho.
“Ngaphandle uma ungitshela ukuthi iPirates iyona ethi uzobolekiswa kithina futhi sesiwasayinile amaphepha, kodwa ayikho leyo nto, amahlebezi nje.
“Asikabuyeli ngisho ukuyolungiselela isizini entsha. Sizoze sibuye ngoJulayi 14.
“Yilaphoke sizoqala khona amalungiselelo esizini entsha. Ayikho into enjalo ngasohlangothini lwethu.”
I-Orbit College izibekisele indawo kwiBetway Premiership kulandela ukunqoba imidlalo yokuhlunga lapho ibibhekene neCape Town City neCasric Stars.

