EzakamuvaIbhola

Awumcimbi omncane kwiDowns eqhathwe nawo kwiChamps League

Isicacile indlela yeMamelodi Sundowns ebheke ekubeni ngompetha beCaf Champions League okwesibili. 

Leli qembu lasePitori liqhatheke kahle esigabeni somkhumulajezi kulo mqhudelwano njengoba lingeke lihlangane namaqembu anzima kakhulu.

Kodwa ke njengoba sekuke kwayenza phambilini, akumele iwathathe kancane lamaqembu asendleleni yayo. 

Emzuliswaneni wokuqala esigabeni somkhumulajezi, iSundowns izobheka neYoung Africans yaseTanzania futhi izoqala ekuhambeni. 

Uma ikwazile ukudlula lapho, izobe seyiya koyedwa phakathi kwe-ES Tunis yaseTunisia ne-Asec Mimosa yase-Ivory Coast. 

Yize lamaqembu enzima ngokwawo, kodwa uma eqhathaniswa neSundowns awabonakali engakwazi ukuyikhuba. 

Nokho ngaphambi kokuthi izikhathaze ngale midlalo, inemidlalo yakuleli okumele ibhekane nayo.

NgoLwesibili izodlala nomkhaya bayo basePitori iSuperSport United kwiDStv Premiership.

Lo mdlalo useLoftus Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. Kuzothi ngempelasonto ibhekane neMaritzburg United kwiNedbank Cup enkundleni efanayo. 

Ziqhathwe kanje kwiCaf Champions League:

Quarterfinals: Simba SC v Al Ahly; TP Mazembe v Atletico Petro de Luanda; ES Tunis v ASEC Mimosa; Young Africans v Mamelodi Sundowns

Kweyandulela owamanqamu: ES Tunis noma ASEC Mimosa v Young Africans noma Mamelodi Sundowns; TP Mazembe noma Atletico Petro de Luanda v Simba SC noma Al Ahly