EzakamuvaIbholaiGladAfrica Championship

Uma isindile kulokhu, sekumele ilwele izicoco manje iMaritzburg

By Sihle Ngubo

IMaritzburg United inethuba lokulwela ukuhlala kwiDStv Premiership njengoba izodlala imidlalo yokuhlunga.

Leli qembu liphunyuke sekuvalwe amehlo ekudliweni yizembe nokuchaza ukuthi lizodlala imidlalo yokuhlunga neCape Town Spurs neCasric Stars. 

ISpurs ilale isibili kwilogi yeMotsepe Foundation Championship kanti iCasric Stars yona phume isithathu kule ligi. 

Ngeke ke kube lula neze kwiMaritzburg ngoba iSpurs neCasric Stars bebedlala ibhola elihle isizini yonke, futhi benethuba lokuwina isicoco seligi. 

ISpurs iqede inamaphuzu angu-57 (alinganayo nawompetha iPolokwane City – bahlukaniswe amagoli) kanti iCasric ivale inangu-56.

Nkanjani okubalulekile manje kuFadlu Davids neqembu lakhe, ukuthi bawine imidlalo yokuhlunga bese becabanga ngokushintsha izinto ngesizini ezayo.

“IMaritzburg kumele ilwele iTop 8 manje, noma indawo yesithathu, izame ukuyodlala kwiCaf. 

“Ayikho le nto yokuthi ilokhu ivika izembe amasizini elandelana,” kusho uSandile “AK 47” Ndlovu owake wadlala kuleli qembu.

“Iyiqembu elidala manje iMaritzburg, ngakho kumele ishintshe ukwenza. Nokho okwamanje kuzomele ibhekane nokuvika izembe.”

Uma kubhekwa umlando uyayivuna iMaritzburg emidlalweni yokuhlunga. Amaqembu aqeda endaweni ka-15 kwilogi yeDStv Premiership, yiwona agcina edle umhlanganiso emidlalweni yokuhlunga. 

FUNDA NALA: UZwane akakhathazekile ngokuxoshwa, ulungiselela isizini ezayo

Nokho leli qembu laseMphithi kuzofanele ligawule libheke kwiCasric, eyenze kahle kwiNedbank Cup ka-2023, neSpurs edlala kahle ngaphansi kukaShaun Bartlett.