EzakamuvaIbhola

OweChiefs ufuna benze kangcono kakhulu ngesizini ezoqala

SIHLE NGUBO

UThabo Cele, ongumdlali waseswini weKaizer Chiefs, ukholwa ukuthi bazokwazi ukwenza kangcono kunesizini edlule njengeqembu kule sizini ezoqala.

Amakhosi aseThekwini lapho ezobhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Leli qembu beliseNetherlands lapho belidlala imidlalo yobungani namaqembu akhona.

Umdlalo ne-Asante Kotoko owokugcina wokulungiselela isizini kwiChiefs ngaphambi kokuthi kuqale imidlalo yeBetway Premiership.

Leli qembu laseNaturena ngeke libe yingxenye yeMTN8 ngoba liqede ngaphandle kweTop 8 ngesizini edlule.

“Ukubuyela ekhaya futhi kimina kuhlale kuwumuzwa okhethekile,” kusho uCele waKwaMashu.

“Uthando engiluthola lapha angikwazi nokuchaza, yinto yenhliziyo.

“Lokhu kwenza ukuthi wenze okungaphezulu, ufune indlela yokulwela iqembu kakhulu kunakuqala.

“Njengoba sibuya eNetherlands sinomuzwa wokuthi sindawonye kulokhu esikwenzayo.

“Sifuna ukwenza kangcono kunesizini edlule ngoba siyaqonda ukuthi sigejwe yiTop 8.

“Siyitholile indebe ebesiyifuna futhi lokho kusigqugquzele kakhulu. Nokho siyazi ukuthi mkhulu umsebenzi osasihlalele.

“Siya e-Afrika (kwiCAF Confederation Cup) futhi kuningi esifuna ukukufeza.”

Akukho ukungabaza ukuthi iChiefs inengcindezi yokwenza kangcono kulandela ukunqoba iNedbank Cup ngesizini edlule.

Njengoba kukhona nabadlali abasha uCele ukholwa ukuthi bazolwa ndawonye benze abalandeli baMakhosi baziqhenye ngabo.

“Siyazi ukuthi abadlali abasha basezingeni eliphezulu futhi bazofika nokuthile eqenjini lethu,” kusho uCele.

“Uma ngibuka konke okwenzekayo ngicabanga ukuthi bayazi yini esihlalele.

“Sesiqala ukuhlangana kahle njengeqembu futhi umoya okhona muhle kakhulu.

“…siyakwazi esikuhlosile futhi siyakhuluma ngakho singabadlali. Kumele sibhekane nemizuzu engu-90 bese sidlulele kweminye engu-90 njalo nje…”

Kunabadlali abasha abangayanga eNetherlands neqembu, ngenxa yenkinga yama-visa, okunguSiphesihle Ndlovu, obedlala kwiSuperSport United, noPaseka Mako ovela kwi-Orlando Pirates.