ISharks izowuvula neLions umshikashika wokuvikela iCurrie Cup
SIHLE NGUBO
IHollywoodbets Sharks XV izoholwa uNick Hatton uma seyitholana phezulu neFidelity ADT Lions emdlalweni wokuqala weCarling Currie Cup, e-Ellis Park, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Leli qembu laseThekwini yilona elivikela isicoco elisithathe ngesizini edlule ngokushaya iLions ngo 16-14 kowamanqamu.
Umqeqeshi uJP Pietersen uyazi ukuthi banengcindezi kodwa wethemba ukuthi iqembu lakhe lizolwa eGoli.
“Yinselelo kulaba badlali abasebancane, ukuya eGoli bayozivivinya bahlale empini,” kusho uPietersen owayedlalela iSharks namaBhokobhoko.
“Siyajabula ngokuqala kwalo mshikashika, sinabadlali abasebancane kodwa akhona amava kuNick Hatton, uBradley Davids, ngethemba ukuthi bazoqhubeka nokukhula babe ngcono.u
“ILions izofuna ukuwisheshisa umdlalo, idlale ngokushesha ukuze isicindeze, isihlasele nangamaphenathi.
“Banomdlalo omuhle uma bekhahlela, siyazi ukuthi yini okumele siyilindele
“Siwulungiselele kahle uMgqibelo futhi inselelo kuzoba ukuthi abadlali abancane babhekane nempi bangethuswa yindlela ezodlala ngayo iLions, babhekane nengcindezi.”
Slilonke iqembu elizobhekana neLions limi kanje:
Phatu Ganyane
Bryce Calvert
Mawande Mdanda
Gideon Koegelenberg
Deon Slabbert
Sphephelo Mbonambi
Jannes Potgieter
Nick Hatton (ukaputeni)
Bradley Davids (iphini likakaputeni)
Jean Smith
Khuthi Rasivhaga
Janco Purchase
Litelihle Bester
Phiko Sobahle
Hakeem Kunene
Ebhentshini:
Liam van Wyk
Dian Bleuler
Lee-Marvin Mazibuko
Kuhle Mthimkhulu
Thomas Dyer
Tiaan Fourie
Drico Marx
Chijindu Okonta

