‘Ngiyawazi umsebenzi wami,’ kusho uNabi weChiefs
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, akumkhathazi nakancane ukuthi iqembu lakhe lishayiwe emidlalweni emihlanu kweyisithupha yokulungiselela isizini eliyidlalile.
IKaizer Chiefs ikhale ngaphansi ngo 3-2 kwi-Asante Kotoko yaseGhana sekukhahlelwa amaphenathi, emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.
Ngaphambi kwalo mdlalo ompetha beNedbank Cup bebeseNetherlands lapho bedlale khona imidlalo yokungcweka namaqembu akhona.
IChiefs ishaywe yiVitesse ngo 2-1, yashaywa yi-Utretch ngo 4-0, yashaywa yiNEC ngo 1-0, ngaphambi kokuthi inqobe ngo 2-1 kwePEC Swolle.
Emdlalweni wokugcina idlale neFC Twente lapho iguqe khona ngo 2-1, yaluphetha uhambo lwaseNetherlands.
Kubadlali abasha abasayiniswe yiChiefs, kugqame uThabiso Monyane, obekwi-Orlando Pirates no-Aden McCarthy, osuka eqenjini leDstv Diski Challenge (DCC).
Abanye abadlali abasiphakamisile isandla emidlalweni yokungcweka, uNkanyiso Shinga, obedlala ePortugal noNaledi Hlongwane osuka kwiDDC.
Abalandeli baMakhosi basabheke ukuthi u-Ethan Chislett, obedlala e-England, noFlavio da Silva obedlala e-Indonesia, bangene esitayeleni seChiefs.
UNabi uzwakalise ukungakhathazeki kakhulu ngemiphumela yemidlalo yokungcweka.
“Ngiyawazi umsebenzi wami. Ngiyazi futhi ukuthi yini edingekayo,” kusho lo mqeqeshi waseTunisia.
“Bonke abantu emhlabeni bayayazi inhloso yemidlalo yobungani, akuyona imiphumela.”
UNabi uyavuma ukuthi kusekhona izindawo ezishodayo eqenjini lakhe njengoba kuzoqala isizini entsha yeBetway Premiership.
“Uma uqhathanisa nesizini edlule sesingcono kakhulu, yize kusekhona izindawo okumele sisebenze kuzona,” kuqhuba uNabi.
“Ngizokwenzela isibonelo. Komunye wemidlalo yobungani sidlale neqembu eligijima esigabeni esiphansi, salishintsha lonke iqembu.
“Kusukela nini manje kumele kudingidwe imiphumela yemidlalo yokulungiselela isizini?
“Ngiyanazi nina bezindaba nifuna ukuthi ‘uyashaywa, uyashaywa’ kodwa inhloso yomdlalo wobungani akukona ukufuna ukunqoba nakanjani ngemuva kwemizuzu engu-90.”
Ngempelasonto kuzodlalwa imidlalo yeMTN8 kanti iChiefs ayiyona ingxenye yayo ngoba iqede endaweni yesishiyagalolunye kwilogi yePremieship ngesizini edlule.
Emdlalweni wokuqala weligi iChiefs izodlala neStellenbosch FC, e-Athlone Stadium, eKapa, ngo-Agasti 10.

