EzakamuvaIbhola

Lizongena ngoLwesine icala leCity neMarumo Gallants

SIHLE NGUBO

Lizolalelwa ngoLwesine yikomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL) icala elithinta iCape Town City FC, engase izithole ibuyela kwiBetway Premiership uma isinqumo sivuna yona, neMarumo Gallants.

ICityzens ivunwe yicala ebelikumehluleli weSafa ukuthi ikomiti lePSL liqale uphenyo ngokudlaliswa komdlali ngokungenamvumo.

NgoLwesithathu kuvele ukuthi iCityzens seyilifakile ngokusemthethweni icala futhi lizodingidwa ngoLwesine yithimba eliholwa umshushisi wePSL, uZola Majavu.

Ukunqoba leli cala kuzosho ukuthi leli qembu laseKapa lizobuyela kwiPremiership bese kucaciswe ukuthi kwenzekani ngeGallants, okulindeleke ukuthi idliwe yizembe.

Indaba ithinta umdlali uMonde Mpambaniso, odlale imidlalo engu-20 yeGallants ngesizini edlule.

Kuvela ukuthi lo mdlali ubedlala kuleli qembu engenayo incwadi emkhululayo ukuthi alidlalele (clearance certificate).

Uma iGallants itholakala inecala izothathelwa wonke amaphuzu ewathole ibophele lo mdlali, kanti iqede endaweni yeshumi kwilogi yePremieship.

Kunoshintsho oluzokwenzeka kwilogi yePremieship kanti lokhu kuthinta nemali etholwa amaqembu ekupheleni kwesizini.

Okungakahlaluki ukuthi imidlalo yeMTN8 nayo izothinteka yini uma kuzoba noshintsho nakwiTop 8 ekutheni amaqembu aqede kuphi kwilogi yePremieship.

Nokho lokhu akungabazeki ukuthi kuzoyiphazamisa kakhulu iPSL ebese ihlele konke ngokuqala kwemidlalo yesizini entsha.

Imidlalo yeMTN8 kulindeleke ukuthi idlalwe ngempelasonto ezinkundleni ezahlukene.

ICityzens idliwe yizembe ngemuva kokudlala imidlalo yokuhlunga ne-Orbit College neCasric Stars.

Kule midlalo yokuhlunga kugcine kunqobe i-Orbit College esizodlala kwiBetway Premiership ngokwesimo samanje, okuthenjwa ukuthi ngeke sishintshe.