EzakamuvaIbhola

Kususe umsindo ukuwola imiklomelo yePSL kwePirates

SIHLE NGUBO

Kususe omkhulu umsindo ukuwola imiklomelo kwe-Orlando Pirates ngesikhathi iPremier Soccer League (PSL) inomcimbi wokubungaza abadlali nabaqeqeshi abenze kahle ngesizini ka-2024/2025.

Isiyonke imiklomelo ekhale yemuka nabadlali beBucs kulo mcimbi ibe yisikhombisa, uma kubalwa nowomdlali wayo weDStv Diski Challenge (DCC).

Umdlali wePirates olale esese kakhulu uRelebohile Mofokeng othole imiklomelo emibili kwemihlanu abeqokelwe yona.

UMofokeng, oneminyaka engu-21, ukhale wemuka neBetway Premiership Young Player of the Season neMTN8 Last man Standing.

Ukhale ngaphansi kuLucas Ribeiro Costa weMamelodi Sundowns, othole iPlayers’ Player of the Season neFootballer of the Season, abeqokiwe kuyona uMofokeng.

URibeiro, odabuka eBrazil, uphinde wathola iGoal of the Season neTop goal scorer of the Season, nokuchaza ukuthi uhambe nemiklomelo emine.

Omunye umklomelo ogeje uMofokeng yiNedbank Cup most Promising Player of the Season, ehambe nozakwabo kwiPirates, uMbekezeli Mbokazi.

Abanye abadlali beBucs abathole imiklomelo uSipho Chaine (Goalkeeper of the Season), uMakhehleni Makhaula (Midfielder of the Season) noNkosinathi Sibisi (Defender of the Season).

Umfana osemncane oyibamba kwiDDC yePirates, uSiphamandla Msezane, uthole iTop goal scorer of the Season, kwacaca ukuthi bekuwubusuku beZimnyama.

Bakhona abalandeli beSundowns abakhonondile ngokuthi kungani abadlali bePirates bethole imiklomelo engaka, ekubeni iqembu labo liqede endaweni yesibili kwilogi yePremieship.

Abakufihlanga ukuthi uMakhaula bekungamele athole umklomelo abewubanga noTeboho Mokoena benoMarcelo Allende, beSundowns.

Baphinde badludluza ngokuthi uChain uhlule uRonwen Williams emklomelweni kanozinti wesizini.

Bakhona nabakhale ngokuthi uKhuliso Mudau wayo iDowns, udlala kangcono kunoSibisi othole umklomelo

UMudau ubengekho ngisho kwabebebanga iDefender of the Season, kanti umdlali weDowns obekhona uGrant Kekana ongalibonanga elidlalayo.

UPule Mmodi, weKaizer Chiefs, uthole umklomelo iNedbank Cup Player of the Tournament, kwathi u-Elvis Chipezeze weMagesi FC, wathola iCarling Cup Player of the Tournament.

KwiMotsepe Foundation Championship umhlanganiso udliwe uMuzomuhle Khanyi othole iPlayers’ Player of the Season neTop goal scorer of the Season.

UTeboho Lekhatla weCasric Stars, ube yiYoung Player of the Season, kwathi uDumisani Msibi, weDurban City, wathola iGoalkeeper of the Season.

Ngempelasonto kuqala isizini entsha njengoba kuzovulwa ngemidlalo yeMTN8.

Ompetha balo mqhudelwano, iPirates, bazobhekana nePolokwane City, e-Orlando Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.