Isithandwa sabalandeli bePirates kusemome sijoyine uNkota eSaudi Arabia
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates ne-Al-Ettifaq yaseSaudi Arabia kuvela ukuthi sebevumelene ngokudayiselana uRelebohile Mofokeng obekulokhu kuvela ukuthi maningi amaqembu abemgaqele.
Ngokombiko wakamuva we-KickOff, iBucs seyigcine ivumile ukudayisa uMofokeng ngemali elinganiselwa ku-R31 million.
Okusele ukuthi kuvunyelwane ngezinto ezithile ezithinta umdlali kodwa iPirates kukholakala ukuthi izoqala isizini entsha ka-2025/2026, ngaphandle kukaMofokeng.
Lo mdlali uzobanga umklomelo iFootballer of the Season noKeletso Makgalwa (Sekhukhune United), noLucas Ribeiro (Mamelodi Sundowns) ngoLwesibili ebusuku.
Bobathathu laba badlali bazophinde babangisane iBetway Premiership Players’ Player of the Season, ngenxa yomgqigqo abawukhombisile ngesizini edlule.
UMofokeng, oneminyaka engu-21, uzophinde abange iYoung Player of the Season noMohau Nkota, osanda kushiya iPirates, noMalibongwe Khoza (Mamelodi Sundowns).
KwiMTN8 Last man standing kuzokhethwa kuMofokeng, uFawaad Basadien (Stellenbosch FC), noDeon Hotto (Orlando Pirates).
Ukhona nakwiNedbank Cup Promising player of the Tournament lapho ebanga noMuhau Nkota, noMbekezeli Mbokazi (Orlando Pirates).
Uma egcina eqede konke ne-Al-Ettifaq, uzojoyina uNkotha osayine kuleli qembu emasontweni edlule esuka kwiPirates.
UMofokeng uke wamataniswa nePSV yaseNetherlands, obekuvela ukuthi ifuna ukukhokha u-R120 million ngaye.
Nokho iPirates ikhiphe isitatimende lapho ikuphikile konke lokho, yathi amampunge wodwa.
