Umqeqeshi weDowns uphawula ngoRibeiro noMudau
SIHLE NGUBO
Izinkinga zangaphakathi ezithinta abadlali beMamelodi Sundowns ziningi kakhulu, futhi abathathu babadlali abawukhiye bangase balishiye iqembu lingakavalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Okuhlaluke ngeSonto ngesikhathi iSundowns ibhekene neRichards Bay FC, emdlalweni we-quartfinal yeMTN8, ukuthi kukhona abadlali abebengabonwa ngisho ebhentshini.
Kulabo badlali kukhona uLucas Ribeiro Costa, osanda kuqokwa njengePlayers’ Player of the Season neFootballer of the Season.
Lo mdlali kuvela ukuthi uzolishiya iqembu ngoba uhehe iso labeFluminense yaseBrazil (ngakubo) ngesikhathi kuneFifa Club World Cup e-USA.
Omunye umdlali obengekho ngeSonto uKhuliso Mudau, okuthiwa naye akeneme neze kwiSundowns.
Kuthiwa lo mdlali ufuna ukukhushulelwa iholo lakhe ngoba iqembu linqabile ukuthi aye eqenjini ebelimfuna.
Ngeledlule uMudau udubile wangaya ejimini ngoba abaphathi bengahlangabezani nezimfuno zakhe.
UPeter Shalulile yena kuthiwa usecele ukukhululwa enkontilekeni yakhe yiqembu ukuze aye eqenjini alithandayo.
Lo mdlali ubengalitholi ijezi kwiSundowns ngesizini edlule ngenxa yokukhula kokuncintisana eqenjini.
Ebuzwa ngokungabi khona kwalaba badlali umqeqeshi uMiguel Cardoso akazange aphumele obala ngeSonto.
“Ngeke ulindele ukuthi lapha ngizokhuluma ngokuthi kungani ebengekho uLucas noma uMudau noma uPeter, noma uThapelo Morena njengoba naye ebengekho,” kusho lo mqeqeshi.
Nokho ukucacisile ukuthi uMorena uthintekile, wangagxila kulaba abanye abathathu.
“Nakanjani njengomqeqeshi ufuna ukuba nabo bonke abadlali bakho oqede isizini nabo abaqinile.
“Akekho kodwa okumele acabange ukuthi iMamelodi Sundowns ngeke ibe sezingeni okumele ibe kulona.
“Nakanjani abantu abaphethe bazokwenza isiqiniseko sokuthi izinto ziyaxazululeka, baqondise izinto ngesikhathi esifanele.”
Lo mqeqeshi usagcizelela ukuthi yena uncamela ukusebenza nesikwati esincane ngakho iqembu uzolinciphisa.
“Inhloso kuseyikona ukuthi ngehlise izinombolo zesikwadi futhi lokho sizokwenza ngokubambisana neSD nebhodi,” kugcizelela uCardoso.
“Isikwadi sizoba sincane kunesizini edlule nakanjani. Asikwazi ukuba nabadlali esingabasebenzisi.”

