EzakamuvaIbhola

Wayekisa uyise emalolini ukuze akhulise abafowabo u-Itu Khune

Alfred Ngubane

U-Itumeleng Khune, ongunozinti weKaizer Chiefs useveze indaba abengakaze ayixoxe esidlangalaleni yokungalwazi uthando lukayise esakhula. 

Lokhu akungoba uyise wayemlahlile kodwa yingoba wayesebenza umsebenzi wokushayela amaloli owawumenza angahlali esekhaya. 

Lo nozinti uthi watshela uyise sakudlala ukuthi mhla wadlala kwiBafana Bafana, uyomyekisa ukusebenza. 

Uyise wayeshayela amaloli amabanga amade. Isizathu sokumyekisa kwabe kungesokuthi ayohlala ekhaya anakekele umfowabo omncane njengoba bona bengalitholanga ithuba lokuhlala naye.
“Thina sakhula simbona kancane ubaba ngoba wayehlezi engekho. Ngo-2010 ngamyekisa ngempela, wahlala ekhaya ukuze abe nesikhathi nezingane zakhe.”

U-Itu Khune ubonga umndeni wakubo ngokumeseka ngesinqumo ngalesi sinqumo sakhe nokuthi sahamba kahle kakhulu. 

“Kumanje kumnandi emndenini ngoba bathokozile njengoba  nobaba ebambe elikhulu  iqhaza kwazise mina angikho eduze.” 

FUNDA NALA: Ithole ‘inkosi yezinyosi’ kuThapelo Maseko iSundowns – Ramasike

 U-Itu Khune ungumdlali wokuqala ukuhlanganisa amasizini angu-20 edlala eqenjini ellilodwa. Nokho lena yisizini yakhe yokugcina.