UBrevis ushaye ingcwenga amaProteas ebhaxa i-Australia koweT20
SIHLE NGUBO
‘Akumina uNkulunkulu. Ngiyabonga futhi ngiyajabula kakhulu ngalokhu.’
Usho kanje uDewald Brevis weNingizimu Afrika, ngemuva kokuthi ephule irekhodi lama-run amaningi kwiT20 kulandela ukubeka ebhodini angu-125 emabholeni angu-56 engaphumanga.
Lo mdlali, oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, uphoqoze irekhodi likaFaf du Plessis lama-run angu-119 emidlalweni yeT20.
“Bekumele sibuye ngamandla ngemuva komdlalo wokuqala,” kusho uBrevis.
“Ngiyabancoma kakhulu abafana. Sidlale kahle namuhla, sesibheke umdlalo wangoMgqibelo.”
Lokhu kusize amaProteas ukuthi ashaye i-Australia ngà ma-run angu-53, kwiT20 yesibili eMarrara Stadium, eDarwin, ngoLwesibili.
I-Australia iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulo mdlalo.
Kubukeke ithathe isinqumo esikahle ngesikhathi ikhipha uRyan Rickelton, u-Aiden Markram noLhuan-Dre Pretorius ngokushesha.
Nokho ungenile uBrevis, oneminyaka engu-22, walishaya ngokungasebi ibhola, yadideka i-Australia.
Abashwibi be-Australia abazamile ukuxina amaProteas, uGlen Maxwell, othathe amawikhethi amabili noBen Dwarshuis naye ophume namabili.
Iphendula i-Australia uTravis Head usheshe wakhishwa uMarkram kwi-over yesibili enama-run amahlanu kuphela.
Nokho kungene uTim David walishaya ibhola waze wahlanganisa ama-run angu-50.
Ukuphuma kukaDavid, ekhishwa uKagiso Rabada enama-run angu-50, kwenze amaProteas athi ukukhululeka.
Ngemuva kancane kwalokho uKwena Maphaka ukhiphe uMaxwell ena-16, umdlalo wabuyela kumaProteas.
UNqaba Peter naye uyitholile iwikhethi kaSteve Carey kwacaca ukuthi sekuphelile ngeqembu lasekhaya.
UMaphaka uthathe amawikhethi amathathu kulo mdlalo, nokuchaza ukuthi usenayisikhombisa kulolu chungechunge lwemidlalo yeT20.
UCorbin Bosch, naye oshwibe kahle, uthole amawikhethi amathathu.
I-Australia igcine yenze 165 yaphuma yonke kwi-over ka-17.
Njengamanje la mazwe abambene ngo 1-1 njengoba kunqobe i-Australia emdlalweni wokuqala ngeSonto.
Umdlalo ozocacisa ukuthi yiliphi elizoba omakhonya uzokuba ngoMgqibelo ngo-11.15 ekuseni.

