OwePirates uthembise ukucubungula isimo ngemuva kokushaywa yiGallants
SIHLE NGUBO
Uthembise ukuthi bazosicubungula isimo umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, ngemuva kokushaywa yiMarumo Gallants ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership, eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, ngoLwesithathu ebusuku.
Okusheshe kwahlaluka kulo mdlalo ukuthi ubengekho ukaputeni uNkosinathi Sibisi, nomdlali wasophondweni uRelebohile Mofokeng.
USibisi ubengabonwa nangakhalo, ukaputeni kunguMbekezeli Mbokazi, kanti uMofokeng uqale ebhentshini.
“Akuwona umphumela ebesiwulindele, sifike lapha sinenhloso yokuthola amaphuzu amathathu,” kusho u-Ouaddou odabuka eMorocco.
“Sizocubungula sibone ukuthi yini engahambi kahle ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.
“Kuyaphoxa kodwa kumele sihlale phansi sicubungule kahle.”
IPirates iqale kuyiyona ebiphethe umdlalo, futhi bekucaca ukuthi ifuna igoli ngokushesha.
UPatrick Maswanganyi ushaye igoli ngomzuzu ka-16 yahamba phambili iBucs.
Ngemuva kwalokho iPirates ithole amathuba amaningi okushaya amagoli kodwa kwangalunga.
Ibuyile iGallants yashaya igoli lokulinganisa elize noDaniel Msendami ngomzuzu ka-45.
Ziye ekhefini kungu 1-1 futhi kufanele ukuthi umqeqeshi wePirates, u-Abdeslam Ouaddou, ubathethisile abadlali ngokuyeka amathuba nokudedela igoli sekuzophela isiwombe sokuqala.
Ungenile uMofokeng ngesiwombe sesibili futhi ngemuva kwalokho iPirates ibihlasela kuvalwe amehlo.
Nokho ubengafuni lutho unozinti weGallants, uWashington Arubi, obevimba kwasani ezintini.
Igoli eliqede nya ngePirates lishaywe uJaisen Clifford, ongene esuka ebhentshini, ngomzuzu ka-90+2.
Bese kungokwesibili iPirates ithola isibhaxu selokhu kuqale imidlalo yeBetway Premiership.
Ivule ngesibhaxu ngoMgqibelo ishaywa yiSekhukhune United ngo 1-0.
Komunye umdlalo wePremiership iMamelodi Sundowns ushaye AmaZulu FC ngo 2-0 eLoftus Stadium, ePitoli, khona ngoLwesithathu ebusuku.
NgoMgqibelo iPirates izobhekana neSundowns emdlalweni womlenze wokuqala kowandulela owamanqamu weMTN8.

