Umdlali odedelwe yiPirates ungene khaxa ngokushesha kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlali wasemuva ochithwe yi-Orlando Pirates, uThabiso Monyane, ubukeka ethokozile futhi edlala ibhola elihle kwiKaizer Chiefs, njengoba sekuqale isizini ka-2025/2026.
Kumangale abaningi ngoJuni iPirates iqinisekisa ukuthi uMonyane noPaseka Mako bayalishiya iqembu.
Amakhosi awapholisanga maseko abasayinisa bobabili ngokushesha laba badlali.
UMonyane, ogijima emuva kwesokudla, udlale umdlalo wakhe wokuqala egqoke imibala yeChiefs ngeSonto.
UMako ubengekho kulo mdlalo ngoba kuvela ukuthi uphuke ingalo ngesikhathi iqembu lilungiselela isizini entsha eNetherlands.
Iqembu laseNaturena liyivule kahle imidlalo yeBetway Premiership lishaya iStellenbosch FC ngo 2-0 e-Athlone Stadium, eKapa.
Ukuqala kahle kanje kweChiefs kubuyisa ithemba kubalandeli futhi kuzokwenza nabadlali babe nomfutho.
“Senze amalungiselelo amakhulu ngaphambi kokudlala lo mdlalo,” kusho uMonyane kwi-website yeChiefs.
“Bekungumdlalo ovuthayo. Ngiwuthokozele kakhulu.
“Ngifisa ukubonga abaqeqeshi nozakwethu ngokukholelwa kimina.”
Lo mdlali, oneminyaka engu-25, ungomunye wabadlali abambalwa abakwaze ukusuka kwiPirates bajoyina izimbangi iChiefs.
Omunye umdlali wasemuva oseke wenza lokho, wafike wagqama kwiChiefs, uJimmy Tau, ogcine engukaputeni kuMakhosi.
“Lokhu ngikubona njengethuba elikhulu kimina ngoba akubona bonke abadlali abenza lokhu,” kuqhuba uMonyane.
“Ngizimisele ngokwenza konke ngigqoke leli bheji.”
“Njengoba wazi umsebenzi wami wokuqala ukuvala emuva, ngakho ngijabule ngokuthi asilidedelanga igoli.
“Kimina lolo usuku oluhle kakhulu. Sihlose ukuqhubeka nokwenza okufanayo kule sizini.”
IChiefs izobhekana nePolokwane City emdlalweni wesibili wePremiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu, ngo-7.30 ebusuku.
Nakanjani izozama ukuthola amaphuzu aphelele ekhaya ukuze igcine umgqigqo eqale ngawo.
“Sinokuzethemba njengeqembu futhi sifuna ukunqoba yonke imidlalo esiyidlalayo.
“Ebholeni akukho okuqinisekisiwe. Sizobhekana nezinto njengoba ziza sizinikele ngakho konke.”
Ephetha uMonyane uthe kubalandeli beChiefs: “Siyacela nize nizoseseka ngoLwesithathu.”

