EzakamuvaIBetway Premiership

OwoSuthu ubona bengabuya namaphuzu aphelele kwiSundowns

SIHLE NGUBO

Umdlali wasemuva waMaZulu FC, uMlondi Mbanjwa, ubona benethuba lokushaya ompetha beligi iMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Abafana Ba’Style abayivulanga kahle imidlalo yeligi kulandela ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neChippa United, eNelson Mandela Bay Stadium, ngoMgqibelo.

Usuthu lona luvule kahle ngokushaya omakoti i-Orbit College ngo 1-0 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngawo uMgqibelo.

Nokho ukuyodlala neSundowns eLoftus Stadium kuhlale kunzima kuwo wonke amaqembu ePremiership futhi noMbanjwa uyakwazi lokho.

“Umdlalo esizowudlala neSundowns ngeke ube lula,” kusho uMbanjwa olandwe Usuthu kuThongathi FC.

“Kuzoba nzima ngoba njengoba bedlale ngokulingana emdlalweni odlule, bazofuna ukuzothatha amaphuzu amathathu agcwele.

“Nathi siya kubona sinokuzethemba ngoba siwunqobile umdlalo wethu wokugcina ne-Orbit College.

“Siya ngokuzethemba okukhulu ukuthi sizoqoqa amaphuzu amathathu ekuhambeni.”

AmaZulu awanalo irekhodi elihle uma ebhekene neSundowns, kungakhathalekile ukuthi kusekhaya noma ekuhambeni.

Ngesizini edlule Usuthu lushaywe yiDowns ngo 1-0 ekhaya ngoDisemba, kwathi ngoMashi nonyaka lwashaywa ngo 2-0.

Emidlalweni engu-37 esidlalwe yila maqembu iSundowns seyinqobe engu-24, kanti Usuthu lusanqobe emihlanu kuphela. Eyisishiyagalombili iphele ngokulingana.

“Abafikile manje, abafana abasebancane, bayangena kahle esitayeleni,” kusho uMbanjwa oneminyaka engu-27 waseTshelimnyama, eMarianhill.

“Siyazama futhi nathi ukubalekelela, ukuthi sizwane kahle nasejimini.

“Njengoba ubonile abanye bangenile okokuqala kwiMTN8 benza kahle.

“Amalungiselelo ahamba kahle kakhulu…sikulungele ukubhekana neSundowns ngoLwesibili.”

UMbanjwa useke wabizwa uHugo Broos kwiBafana Bafana, wadlala ibambana ne-Andorra ngo 1-1 kwiFifa Series ngo-2024.