EzakamuvaIbhola

Ibhodla umlilo imenenja ebhayiziswe uPule Mmodi weChiefs

Sbongs Gumbi

Usatshiswa ngezinyathelo zomthetho umdlali omusha weKaizer Chiefs, uPule Mmodi njengoba imenenja yakhe yakudala imsola ngokuyihamba ngemuva. 

USolomon Seone, obeyimenenja kaMmodi, uthi lo mdlali usayine kwiChiefs engaziswanga yena, okuyinto ephambana nenkontileka abanayo. 

Ngokusho kukaSeobe, inkontileka yakhe noPule Mmodi iphele ngoJuni 30 kodwa usethole ukuthi lo mdlali obedlalela iGolden Arrows wephule imibandela ababevumelene ngayo ngesikhathi esayina inkontileka yeminyaka emithathu neChiefs.

USeobe uqhuba ngokuthi uMmodi wamqambela amanga, ethi usayine kwiChiefs engenayo imenenja emkhulumelayo. 

Ngemuva kwalokho uthole ukuthi lo mdlali ujoyine iChiefs ngaphansi kwemenja entsha ngaphambi kokuphela kwesivumelwano sabo ngokusemthethweni.

“Sonke siyazi ukuthi izinkontileka zePSL ziqala ukusebenza ngoJulayi 1 kanti yena usayine kwiChiefs ngoJuni, ucashunwe esho kanje uSeobe kwabePhakaaathi

“Bebelinde ukuthi kuphele inkontileka neGolden Arrows ukuze kuqale inkontileka yeChiefs,” kusho uSeobe obevutha engabaselwe.

“Wangiqambela amanga ethi uyedwa, ngagcina ngitholile ukuthi ubehamba nenye imenena ebizwa ngoParable Hlatshwayo, engingayazi.

“Bengilinde uPule (Mmodi) ukuthi angikhombise inkontileka yakhe futhi ubelokhu ethi uzonginika (ikhophi) uma eseyitholile kwiChiefs. 

“Bengilokhu ngiyilindile kusukela ngesonto eledlule. Uma usayina, kufanele uthole ikhophi yenkontileka nakuba iqembu lingakamemezeli…”

USeobe, osebenzela iSR Sport Management, uthe ngeke aluyeke lolu daba njengoba ebona sengathi kudlalwe kakhulu ngaye. 

“Bengizoyiyekela le nto kodwa hhayi ngemuva kokuthi ngithole ukuthi ubemelwe ngesikhathi engitshela ukuthi usayine kwiChiefs ngaphandle kwemenenja, ngeke,” kuqhuba yena.

“Kuwukungathembeki okusezingeni eliphezulu ngoba inkontileka yethu iphele ngoJuni ngesonto eledlule. 

“Uma ngithola ikhophi yenkontileka, ngizobe sengikwazi ukuthi kumele ngimufake isimangalo sokufuna imali engakanani.

“Ngizobheka ukuthi lolu daba kufanele ngiluyise yini enkantolo enkulu noma esigungwini lokuxazulula izingxabano.

“ Nginelungelo lokuba nenkontileka ngoba ngithinteka ngqo kulokhu. Ngifuna ukukhombisa abanye abadlali ukuthi akumele ukhaphele imenenja yakho uma usubona izwe lesethembiso.

FUNDA NALA: Yini le exinwe uSteve Mkasi ngeMandela Marathon, ngabe imali?

“Kuyadumaza kakhulu ngemva kweminyaka eminingi ngisebenza (noPule Mmodi) – cabanga nje uvele wanikeza imenenja yaseGauteng imana … ngenza konke okusemandleni ami ukumdayisa engaziwa. 

“Kunzima kakhulu ukumaketha umdlali ongaziwa,” kuchaza le menenja ebibhodla umlilo.