IBetway Premiership

OweChiefs uvume ukungadlali kahle bedlula kwiPolokwane

 

SIHLE NGUBO

Uvume ukuthi ibibaxhela iPolokwane City uCedric Kaze, oyiphini lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs, kulandela ukunqoba ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu.

Amakhosi azabalaze kwaze kwalunga ekugcineni kulo mdlalo, lapho engadlalanga neze ibhola eligculisayo.

Ebuzwa ngemuva komdlalo ukuthi kuyabajabulisa yini ukungakudedeli igoli uCedric uncome lonke iqembu.

“Okubalulekile ukuthi sidlala njengeqembu. Uma sidedela amagoli akumele kugxekwe unozinti nabadlali basemuva kuphela,” kusho lo mqeqeshi.

“Ngesikhathi sekhefu sixoxile ukuthi sidinga ukubeka ibhola phansi sizame ukuhlasela ngoba besingenzi kahle.

“Yikho senze ushintsho safaka uMshini (uNkosingiphile Ngcobo), uNdlovu noMmodi ngoba besifuna ukuya phambili.”

IRise and Shine iyona edlale kangcono ngesiwombe sokuqala, nokwenze uBrandon Petersen wavimba amabhola amabi ezintini zeChiefs.

Ngaleso sikhathi iChiefs ibihluleka ukuhlanganisa amaphasi nobekwenza kube nzima kakhulu ukufinyelela emapalini ezivakashi.

Zize waya ekhefini kungu 0-0 kungabonakali ukuthi idlalela ekhaya futhi izolithola igoli.

Igoli lize laqhamuka noSiphesihle Ndlovu ngomzuzu ka-79, kwachwaza inkundla.

Lo mdlali, obedlala kwiSuperSport United, ubedlala okwesibili kuMakhosi, kanti bekuyigoli lakhe lokuqala.

Bese kungokwesibili iChiefs inqoba selokhu kuqale imidlalo yeBetway Premiership.

Emdlalweni wokuqala ishaye iStellenbosch FC ngo 1-0 eKapa ngeSonto.

Lokhu kunqoba kuyenyusele endaweni yesibili kwilogi yePremieship nokuzoyinika okukhulu ukuzethemba ukuya phambili.

Nayizolo bebengabonwa o-Ethan Chislett, uNkanyiso Shinga, noFlavio da Silva, okuvela ukuthi basalinde amaphepha abakhululayo ukuthi badlale.

U-Aden McCarthy uphinde waqokwa njengomdlali ovelele kulo mdlalo okwesibili kulandelana.