IChiefs isayinise omunye umdlali obedlala kwiSundowns
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs ibukeka ingakadeli abadlali abayisishiyagalolunye esibasayinisile njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali kuze kube ngasekupheleni kukaSepthemba.
Ezivela eNaturena zithi Amakhosi sesisayinise uLebohang Maboe obengumdlali weMamelodi Sundowns.
Lo mdlali wasesiswini ubebolekisiwe kwiSuperSport United ngesizini edlule, kanti uyisizile yavika izembe.
UMaboe uzakhele igama kwiMaritzburg United, nokwenze waheha iSundowns afike kuyona ngesizini ka-2017/2018.
KuBafana Ba’Style ube nesikhathi esihle kakhulu njengoba enqobe izindebe eziyisishiyagalolunye, okubalwa kuzona ezinhlanu zeligi.
Kuleli qembu laseChloorkop udlale imidlalo engu-183 washaya amagoli angu-20, wase esiza ukwakha angu-23.
UMaboe ukhulele enkulisa yeChiefs kanti kuvela wethulwe ngokusemthethweni Amakhosi ngoLwesibili.
IChiefs ibukeka ifuna ukuqinisekisa ukuthi kunokuncintisana esiswini kulandela ukuhamba kukakaputeni uYusuf Maart oseyibamba e-Austria.
Leli qembu lisanda kulanda uSiphesihle Ndlovu naye obedlala kwiSuperSport ngesizini edlule.
Kusekhona u-Ethan Chislett obedlala e-England obengakadlali ngoba elinde amaphepha amkhululayo ukuthi adlale.
Ngeledlule iChiefs imememezele ukusayinisa u-Etiosa Ighodaro, obengumdlali weSundowns ebolekiswe kuMaZulu FC.
Abanye abadlali beChiefs abasha abangakabonakali ensimini, uNkanyiso Shinga obedlala ePortugal noFlavio da Silva obedlala e-Indonesia.
Emasontweni edlule iChiefs imememezele u-Asanele Velebayi obedlala kwiCape Town Spurs, nokulandelwe ukwethula uLuke Baartman, naye obedlala kuleli qembu laseKapa.
Laba badlali kuke kwaba necala ngokusayina kwabo kwiChiefs besuka kwiSpurs kodwa bagcina bekhululiwe ukuthi baye eNaturena.
IChiefs izoyibamba kwiCAF Confederation Cup kule sizini, nokuyikona okukholakala ukuthi kuyimbangela yokusayinisa abadlali abaningi.
Khonamanjalo ezivela eChloorkop zithi uKhuliso Mudau useyaziqeqesha neqembu kulandela ukuduba efuna kulungiswe isimo sakhe.
Lo mdlali weBafana Bafana ubefunwa uthuli amaqembu okubalwa kuwona nawaseMorocco kodwa iSundowns yangafuna ukumdedela.
Nokho kuvela ukuthi konke sekuqondile njengoba esebuyile ekuziqeqesheni neqembu.
IChiefs izobhekana neSundowns emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Ebhentshini laMakhosi kuzobe sekukhona umqeqeshi uNasreddine Nabi obengekho emidlalweni emithathu yokuqala, kulandela ukulimala kukankosikazi wakhe engozini yemoto.
Kuleyo midlalo iChiefs ishaye iStellenbosch FC, iPolokwane City neRichards Bay FC, yaqoqa amaphuzu ayisishoyagalolunye.

