Seligcine lifezekile iphupho likaVelebayi ngeChiefs elicisho labulawa yiSpurs
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs ayipholisanga maseko ngokumemezela u-Asenele Velebayi kulandela ukuthi lo mdlali ekhululiwe yiPSL Dispute Resolution Chamber ukuthi ajoyine iqembu alithandayo.
Lo mdlali kumele ngabe kade ethulwa eNaturena kodwa iqembu abelidlalela, iCape Town Spurs, belishaya ngonyawo lithi akalubhadi lapho.
Inkinga iqale ngemuva kokuthi iSpurs idliwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship, yayositha kwi-ABC Motsepe League.
Lokhu bekuchaza ukuthi abadlali bayo sebengasayina kunanoma yimaphi amaqembu abawathandayo, ngoba iqembu lehlele esigabeni sama-amesha.
Abaphathi beSpurs abavumanga ukudedela uVelebayi noLuke Baartman okubhekeke ukuthi naye lisongwe icala lakhe, bese emenyezelwa yiChiefs.
“Sithanda ukumemezela ukusayina kuka-Asanele Velebayi,” kusho iChiefs esitatimendeni.
“Lo mdlali odabuka eKapa usayine inkontileka ende neqembu. Siyakwemukela emndenini weKaizer Chiefs.”
IChiefs ike yazama ukuthenga uVelebayi ngo-R5 million ngesizini edlule, kodwa babhala bacisha abeSpurs, befuna imali enkulu kunaleyo.
Ngebhadi leli qembu lidliwe yizembe nobekusho ukuthi abadlali balo sebezohamba mahhala ukuya kwamanye amaqembu.
Amakhosi avule imidlalo yeBetway Premiership ngokushaya iStellenbosch FC ngo 2-0 e-Athlone Stadium, eKapa, ngeSonto.
Kulo mdlalo amagoli ashaywe uNkosingiphile Ngcobo noGlody Lilepo ngesiwombe ngasinye.
Emdlalweni wesibili weligi iChiefs izobhekana nePolokwane City, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Kulindeleke ukuthi kubonakale u-Ethan Chislett kulo mdlalo, okuvela ukuthi amaphepha amkhululayo ukuthi adlale aselungile.
Lo mdlali, uNkanyiso Shinga noFlavio da Silva, abazange badlale ngeSonto ngoba kuthiwa kusalungiswa amaphepha abo.
Omunye umdlali okulindeleke ukuthi adlale uma iChiefs seyibhekene neRise and Shine, uPule Mmodi.
Lo mdlali, oke wayibamba kwiLamontville Golden Arrows, ubeqedela isigwebo sekhadi elibomvu emdlalweni odlule.
Abadlali abathintekile njengamanje eNaturena, unozinti uBruce Bavuma, uGiven Msimango, uRushwin Dortley noPaseka Mako, ojoyine iqembu ngoJuni esuka kwi-Orlando Pirates.

