EzakamuvaIBetway Premiership

‘Inhloso ukunqoba isicoco seligi,’ kusho osanda kufika kwiPirates

SIHLE NGUBO

I-Orlando Pirates inethuba elihle lokunqoba isicoco seligi, iqede ukukhonya kwamasizini elandelana kompetha iMamelodi Sundowns.

EZimnyama zizithola zisesicongweni kwilogi yeBetway Premiership njengoba imidlalo ka-2025/2026 seyibheke ekugamanxeni.

Yize luselude ukhalo kodwa umgqigqo okhonjiswa yiPirates uveza isithombe sokuthi ingazinqoba izindebe ezintathu kule sizini.

IBucs ivele seyiqukule izindebe ezimbili kule sizini, iMTN8 neCarling Knockout Cup.

Njengoba kuvulwe iwindi lokusayina abadlali iPirates iyaqhubeka nokuqinisa iqembu, okuveza ngokusobala ukuthi izimisele ngesicoco seligi.

U-Andre de Jong, osanda kufika kwiPirates evela kwiStellenbosch FC, usephumele obala ngamathuba ePirates okuketula ompetha iSundowns, njengoba iqembu lizihola phambili.

“Ngicabanga ukuthi iyona inhloso yawo wonke umuntu eqenjini, ukunqoba iligi nonyaka,” kusho uDe Jong odabuka eNew Zealand.

“Yithuba elihle kakhulu (lokunqoba isicoco) njengoba siye ekhefini sisecongweni kwilogi.

“Kula masonto amabili besilokhu siphusha kakhulu ukuthi sizithole sisemeni esikahle.”

IPirates ingase igudluke esicongweni ngesonto elizayo njengoba iSundowns izodlala kuqala ne-Orbit College ngoMsombuluko.

Nokho iBucs ivele isalele emuva ngomdlalo owodwa kwiSundowns okuchaza ukuthi uma isidlale ne-Orbit College izobe seyimibili iPirates elandela ngayo ngemuva.

IBucs izobuyela enkundleni ngokubhekana neSekhukhune United ngoJanuwari 24, ePeter Mokaba Stadium.

“Ngicabanga ukuthi uma ubuka ngaphandle kuningi okulindelwe abalandeli ukuqeda isomiso,” kuqhuba uDe Jong.

“Sethemba ukuthi singakwenza lokho kule sizini, sikhombise inhloso yethu uma sekubuya imidlalo.”

Abanye abadlali abasayiniswe yiPirates njengoba kuvulwe iwindi lokuhwebelana, uDaniel Msendami noMpho Chasatsane abebedlalela iMarumo Gallants.