EzakamuvaIBetway Premiership

IChiefs ibukeka seyihlome ngabo bonke abadlali ebibagaqele

SIHLE NGUBO

Abadlali abathathu abasha beKaizer Chiefs babonakale eFNB Stadium, ngesikhathi leli qembu laseNaturena libhekene neRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.

Amakhosi anqobe lo mdlalo ngo 1-0 okube yigoli likaGaston Sirino alishaye ngesiwombe sesibili.

Bese kungokwesithathu iChiefs inqoba umdlalo weBetway Premiership nokuyenza ibalwe namaqembu angayazi induku kule sizini.

IChiefs iye kulo mdlalo seyimemezele umgadli u-Etiosa Ighodaro obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu FC ngesizini edlule.

Amakhosi aphinde amemezela uLuke Baartman osuka kwiCape Town Spurs khona ngoLwesibili.

Lo mdlali bekunecala elithinta yena no-Asanele Velebayi, kulandela ukusayina kwabo besuka kwiSpurs.

IChiefs ilinqobile icala kanti yethule ngokusemthethweni uVelebayi ngesonto eledlule.

Abalandeli baMakhosi bajabulile bebingelelwa u-Etiosa, uVelebayi noBaartman ngoLwesibili.

Kunabadlali abasha beChiefs abangakadlali kule sizini ngoba belinde amaphepha abakhululayo ukuthi badlale kwiPSL.

Labo badlali u-Ethan Chislett, uFlavio da Silva noNkanyiso Shinga.

Bonke kulindeleke ukuthi babe sebekulungele ukudlala uma iChiefs seyitholana phezulu neSundowns koweligi ngesonto elizayo.

ISundowns izoqale ibhekane neMagesi FC koweligi ngoLwesithathu, bese ihlangana ne-Orlando Pirates emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8 ngempelasonto.

Umdlalo womlenze wokuqala uphele ngo 1-1 nokuchaza ukuthi kuzodlula iSundowns uma kuphela ngo 0-0.

IPirates inengcindezi yokunqoba umdlalo wokuqala weligi njengoba izobhekana neStellenbosch FC ngoLwesithathu ebusuku, e-Orlando Stadium.

IBucs ivule imidlalo yeligi ngokushaya yiSekhukhune United neMarumo Gallants.