EzakamuvaIbhola

ISundowns inqabe u-R61 million obuvela kwiQatar SC ngoRibeiro

SIHLE NGUBO

IQatar SC ibibeke u-R61 million etafuleni njengoba ifuna ukusayinisa umdlali weMamelodi Sundowns, uLucas Ribeiro Costa, osekubeke kwacaca ukuthi akasafuni ukudlala kuleli qembu laseChloorkop.

Indaba kaRibeiro, waseBrazil, neSundowns seyisuse omkhulu umsindo mayelana nenkontileka anayo lo mdlali naBafana Ba’Style.

Nokho kuvela ukuthi leli qembu lasePitoli lisavulelekile ukuqala izingxoxo kabusha ngemuva kokushaya amakhala ngo-R61 million obukekwe yiQatar SC ngoRebeiro.

NgoLwesine kuvele ukuthi lo mdlali oshaye igoli eliqokwe njengelihamba phambili bebhekene neBorussia Dortmund kwiFifa Club World Cup, usecele ukushiya kwiSundowns.

Kuphinde kwavela ukuthi udaba lwakhe useludlulisele kwiFifa Tribunal lapho emelwe ummeli waseBelgium uJean-Louis Dupont.

Kuthiwa iQatar SC ibeke etafuleni okungaphezulu kwalokho umdlali abiza kona futhi yena ubezimisele ngakho konke ukujoyina leli qembu.

Ngokwezinombolo zokuhwebelana ngabadlali zangoMeyi 28 nonyaka, uRibeiro ubebiza u-R51.1 million.

IQatar SC yona ibifuna ukumthenga ngo-R61.7 million. URibeiro usasalelwe yiminyaka emithathu kwinkontileka yakhe neSundowns ezophela ngoJulayi ka-2028.

Ngokusho kommeli kaRibeiro, Abafana Ba’Style “bazame kaningi ukulokhu benyusa imali ngendlela engamukelekile. Lokhu bakwenze ngaphandle kokucabangela umdlali uqobo, nokwenze ukuthi kungavunyelwana.”

Nokho iSundowns ishaya phansi ngonyawo ithi ngeke impintshelwe ekhoneni ukuthi yamukele imali encane kunale embona eyifanele umdlali wayo.

Lo mdlali, oneminyaka engu-26, ufike eNingizimu Afrika ngo-2023, kanti kuvela ukuthi wathengwa yiSundowns ngo-R41 million.

Ngasohlangothini lukaKhuliso Mudau kuvela ukuthi iSundowns ayizimisele ukumdedela lo mdlali.

Ngokubika kweSABC kukhona amaqembu amabili aseMorocco aphinde afaka izicelo zokusiyinisa lo mdlali weBafana Bafana kodwa iSundowns yawachitha.

“Isimo sibukeka sicacile, iSundowns ayizimisele ngokudedela abadlali njengamanje,” kusho umphathi wezindaba zikaMudau uSteve Kapeluschnik.

“UKhuliso ungumdlali obalulekile eqenjini, ngakho iqembu lifuna ukukugcina kanjalo lokho.

“Sengize (kubona) nezicelo eziningi kodwa zonke bazichithile.

“Ngisho namuhla (ngoLwesihlanu) ngithole izingcingo ezimbili zivela eMorocco zibuza ngomdlali kodwa kimina kubukeka sengathi iSundowns ifuna ukumgcina.”

UMudau akakaze adlale selokhu kuqale isizini njengoba edube ukujima kuze kube kulungiswa isimo sakhe.

“Yebo iSundowns isebenzise umbandela wokuvuselela inkontileka yakhe ngonyaka, osesivumelwaneni esidlule,” kuchaza uKapeluschnik.

“Kodwa ngethemba ukuthi sizosebenzela ukuba nesivumelwano esingcono ukuze uKhuliso akhululeke futhi.

“UKhuliso ufuna ukubuya ngokushesha kodwa lokhu kumele kwenziwe ngendlela eqondile.”

ISundowns ilungiselela ukubhekana ne-Orlando Pirates emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.