EzakamuvaIBafana Bafana

ILesotho isindwe yimali ekutheni ifake isikhalazo ngoTeboho Mokoena 

SIHLE NGUBO 

ILesotho ishaywe yimali ekutheni iqhubeke nokufaka isikhalazo mayelana nokudlaliswa kukaTeboho Mokoena enamakhadi aphuzi amabili ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene naleli lizwe.

UMokoena bekungamele awudlale lo mdlalo kodwa iLesotho iphinde yashaywa ukuthi ayisifakanga isikhalazo emahoreni angu-24.

“ILesotho Football Association (LFA) ngeke iqhubeke nokufaka isikhalazo,” kusho umthombo.

“Ngizwa kuthiwa lokhu kuzoyidla imali enkulu, ikakhulukazi ngoba bagejwe yila mahora angu-24 ukuthi bafake isikhalazo. Ngakho ngeke besaqhubeka.”

Iqembu lakuleli linqobe lo mdlalo ngo 2-0 lanyukela esicongweni kuGroup C. Lokhu kulibeka ethubeni elihle lokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026 njengoba liphinde lashaya iBennin ngo 2-0.

UMokoena wathola ikhadi eliphuzi iBafana ibhekene neBennin, waphinda walithola futhi ibhekene neZimbabwe.

Ngokwemithetho yeFifa uma umdlali ethole amakhadi aphuzi emidlalweni emibili ilandelana kumele angiwudlali umdlalo owodwa.

Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe abaqeqeshi beBafana neSafa bebengazi yini ukuthi uMokoena unamakhadi amabili aphuzi awatholile ngaphambi kokubhekana neLesotho.

INingizimu Afrika ike yangena ehlazweni ijabulela ukuthi isizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) kanti akunjalo. Nalapho yaqhamuka imibuzo yokuthi kanti bona abayifundi yini imithetho yeCAF.

Konke nje kukhomba ukungaqapheli kwimenenja yeBafana Bafana uVincent Tseka. Kufanele ukuthi uTseka ubebambe umoya ngalokhu njengoba kungumsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi ami kanjani amakhadi kubadlali.

IBafana ibingase ithathelwe amaphuzu amathathu namagoli amathathu ngesenzo sayo sokudlalisa uMokoena. IFifa isenalo ilungelo lokuhlawulisa iSafa ngalokhu.