EzakamuvaIBetway Premiership

U-Ox weChiefs usazama ukuthola igoli lokuqala selokhu adlala kwiPSL

SIHLE NGUBO

Uveze ukuthi ubelifuna ngabomvu igoli uSibongiseni “Ox” Mthethwa weKaizer Chiefs, ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambane neMamelodi Sundowns ngo 0-0 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Amakhosi aqhubekile nokugcina irekhodi lokungashaywa kule sizini kanti iphuzu liwenze ahlanganisa amaphuzu ayishumi.

UMthethwa udlale kahle kakhulu futhi ubelokhu ezama ukukhahlela kulo mdlalo kodwa kwangavuma.

Okuhlalukile ukuthi iChiefs ibingayiniki lutho iSundowns esiswini nobekwenza ukuthi ingaphaselani ibhola ngendlela ejwayele ngayo.

“Ngibonga kakhulu uthando kubo bonke abantu nabalandeli bethu,” kusho uMthethwa oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, kwiSuperSport TV.

“Lokhu akukhona okwami ngedwa okweqembu lonke ngoba sidlala ngokubambisana.”

Lo mdlali, ofike kwiChiefs evela kwiStellenbosch FC, uthe ubelifuna igoli kulo mdlalo ukuze bathole amaphuzu aphelele.

“Ngizame ngakho konke ukuthola igoli kodwa kwangavuma. Okusho ukuthi bekungeyona inhlanhla yethu namuhla,” kuqhuba uMthethwa.

“Kodwa ngingasho ukuthi iphuzu esilitholile namuhla libaluleke kakhulu ukuya phambili.”

UMthethwa sekunesikhathi eside engumdlali wePremier Soccer League kodwa akakaze ashaye nelilodwa igoli empilweni yakhe yebhola.

IChiefs yilona lodwa iqembu elingakalikadedeli igoli selokhu kuqale imidlalo yeBetway Premiership.

NgoMgqibelo izobhekana neLamontville Golden Arrows, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

I-Arrows ishaye iMagesi FC ngo 2-1 kowePremiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesithathu.

Komunye umdlalo wePremiership ngoLwesithathu iSekhukhune United ibambane naMaZulu FC ngo 1-1 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Ngasohlangothini lweSundowns nayo ayikashaywa selokhu kuqale isizini kodwa seyidlale ngokulingana kabili emidlalweni emine.

Ngempelasonto ompetha beligi bazovakashela eKapa lapho bezobhekana neStellenbosch FC.