EzakamuvaIBetway Premiership

OwoSuthu ubona bengayifaka isimbambamba iBabina Noko

SIHLE NGUBO

Unethemba lokuthi kukhona abazobuya nakho ePeter Mokaba Stadium, uSimo Dladla oyiphini lomqeqeshi kuMaZulu FC, njengoba bezobhekana neSekhukhune United ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlalo weBetway Premiership kulindeleke ukuthi ushube kakhulu ngoba iSekhukhune ingelinye lamaqembu amane angakashaywa emidlalweni yeligi kule sizini.

Usuthu luya kulo mdlalo luhambela phezulu kulandela ukushaya iMarumo Gallants ngo 1-0 emdlalweni wokugcina weligi.

IBabina Noko yona igcine ibhudluze i-Orbit College ngo 3-0 nokuyenza ukuthi ihlale esicongweni ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.

Emdlalweni weMTN8 ngempelasonto iSekhukhune iwashiswe ijezi yiStellenbosch FC emdlalweni owandulela owamanqamu ophele ngo 1-1.

Umdlalo womlenze wokuqala wanqotshwa ezikaSteve Barker ngo 2-0 eKapa, nokuchaza ukuthi iStellies idlule ngo 3-1.

UDladla uyazi ukuthi kumele bazibambe ziqine kakhulu ePeter Mokaba Stadium.

“Amalungiselelo ahamba kahle. Ngaphandle kokuthi silahlekelwe uTebogo Mashigo kodwa wonke umuntu ubukeka ekahle,” kusho uDladla obecija iDurban City ngesizini edlule.

“Siwulungele lo mdlalo, kodwa siyazi ngeke kube lula.

“ISekhukhune inomqeqeshi onamava nabadlali abanamava iningi labo.

“Nokho sizodlala nabo ngesikhathi esikahle lapho sisanda kubabona bedlala neStellenbosch.

“Kukhona okumbalwa esikubambile esicabanga ukuthi singakusebenzisa ukubangena.”

Ngesizini edlule iBabina Noko iyinqobe yomibili imidlalo eyidlale noSuthu.

Iqale yalushaya ngo 2-0 eThekwini ngoJanuwari, yase ilandelisa ngo 4-2 ePolokwane.

“Engingakusho ukuthi sibheke ukuthola omunye umphumela omuhle,” kuqhuba uDladla.

“Yebo kuzoba isivivinyo esikhulu, futhi badlala ekhaya, kodwa bazocindezeka ukuthi bangashaywa imidlalo emibili ilandelana ekhaya.

“Ngakolunye uhlangothi sifuna ukuthola umgqigqo, sinqobe imidlalo ilandelana.

“Njengoba ngisho kanjalo nephuzu ngeke libe yinto embi (ukulithola).

“Lo mdlalo uzoba yisiqalo ngoba sidlala imidlalo emibili laphaya ngenhloso yokubuya okungasenani namaphuzu amane.

“Uma ngikhuluma ngalo mdlalo uzoba nzima kodwa umdlalo engicabanga ukuthi sizokwazi ukunqoba.”