EzakamuvaIbhola

ISundowns nezinhlelo zokubuyisa uPercy Tau

Njabulo Shezi

Ukubonakala kukaPercy Tau emdlalweni weMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs phakathi neviki sekuqinise izinsolo zokuthi lo mdlali uyabuya kuleli. 

UPercy Tau, odlala kwi-Al Ahly yase-Egypt aphinde abe yiphini likakaputeni kwiBafana Bafana ubonakale kulo mdlalo wangoLwesithathu. 

Yize uTau eseNingizimu Afrika ngenxa yokuthi isizini yase-Egypt isanda kuphela, iSNL24 ibike ukuthi kungenzeka angabe esabuyela. 

Ngokomthombo ocashunwe kulo mbiko, ‘amathuba angu-80%’ okuthi uPercy Tau ashiye kwi-Al Ahly abuyele eqenjini lakhe lakudala. 

“Njengoba sikhuluma nje, amathuba angu-80% okuthi uTau asayine kwiSundowns,” ucashunwe usho kanje lo mthombo.

“Ithimba labaqeqeshi nabaphathi (kwi-Al Ahly) babe nezingxoxo bebonisana ngekusasa lakhe.

“Ngeke ngisho kahle ukuthi kuzokwenzeka nini kodwa izinto zibukeka ziyihambela kahle iSundowns njengamanje.” 

Inkontileka kaPercy Tau kwi-Al Ahly iphela ngoJuni 2024 kanti kungenzeka leli qembu limdedele manje ukuze lithole amasentshana ngaye. 

NgokweTransfermarkt.com, uTau ubiza imali ebalela kuR40-million. Kuvela nokuthi leli qembu selivele limtholile umdlali ozovala isikhala sikaTau. 

I-Al Ahly, engompetha lebigi e-Egypt neCaf Champions League, isayinise uReda Slim waseMoroccan obedlala kwiFAR Rabat. 

Nokho okunye okuvelayo wukuthi iSundowns ingazithola seyimbanga ne-Al Wahda yase-United Arab Emirates. 

Llei qembu lisanda kuqasha uPitso Mosimane njengomqeqeshi kanti unikwe igunya lokulanda abadlali abathandayo.

Uvele ke useke wazama, ngokwemibiko, ukuthola uGaston Sirino noThemba Zwane kwiSundowns. 

FUNDA NALA: Olunye ushintsho kolukaHappy Jele neRoyal AM

Kuzokhumbuleka nokuthi uTau waya kwi-Al Ahly nje wayelandwe nguye uMosimane ngesikhathi esaqeqesha leli qembu.