UKaizer Junior uveza okwenze iChiefs yalanda uMaboe
SIHLE NGUBO
UKaizer Motaung Junior, oyiSporting Director yeKaizer Chiefs, uveza isizathu esenze basayinisa uLebohang Maboe obesanda kuhlukana nompetha beligi iMamelodi Sundowns.
IChiefs imememezele ngokusemthethweni ngoLwesibili, uMaboe oke waba senkulisa yayo ngaphambi kokugqama kwiMaritzburg United.
Bese kungumdlali weshumi lona ukusayiniswa yiqembu laseNaturena elizama ukubuyisa isithunzi nodumo lwalo.
Ompetha beNedbank Cup banomqansa omkhulu kule sizini njengoba bezoyibamba nakwiCAF Confederation Cup.
Ngokusho kukaMotaung lesi ngesinye sezizathu esenze balanda umdlali onamava njengoMaboe.
“Siyazi uLebo ungumdlali osezingeni eliphezulu osethole amava amakhulu emincintiswaneni yezwekazi (i-Afrika) eminyakeni embalwa edlule,” kusho uMotaung kwi-website yeChiefs.
“Ulwazi lwakhe luzosisiza kakhulu emidlalweni yalapha ekhaya neyeCAF Champions League.
“Siyajabula ukuphinde simamukele lapha kuMakhosi. Ubelapha futhi uyalwazi usiko nokuthi abalandeli bethu balindeleni kubadlali bethu.”
KuBafana Ba’Style uMaboe ube nesikhathi esihle kakhulu njengoba enqobe izindebe eziyisishiyagalolunye, okubalwa kuzona ezinhlanu zeligi.
Kuleli qembu laseChloorkop udlale imidlalo engu-183 washaya amagoli angu-20, wase esiza ukwakha angu-23.
Useke wadlala naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, agqoke imibala yalo amahlandla angu-13.
Ngesizini edlule uMaboe ubebolekisiwe kwiSuperSport United ayisize yavika izembe.
Leli qembu selidayisiwe laba yiSiwelele FC. Kuyavela ukuthi abaphathi beSiwelele bebefuna abe yingxenye yeqembu uMaboe kodwa wakhetha ukubuyela lapho akhulela khona – eNaturena.
IDurban City, eqeqeshwa uGavin Hunt, nayo izamile ukusayinisa uMaboe kwasho kona ukuthi ubeseqede konke neChiefs.
Amakhosi azobhekana neSundowns emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Kulo mdlalo kungase kubonakale u-Etiosa Ighodaro ongumgadli osayine kwiChiefs esuka kwiSundowns.

