EzakamuvaIBetway Premiership

‘Kumele sibuyele lapho kufanele khona – esicongweni,’ kusho oweDowns

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns inethuba lokubuyela esicongweni selogi uma seyitholana phezulu neSiwelele FC emdlalweni weBetway Premiership, eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.

Ngempelasonto edlule i-Orlando Pirates ithe congco kwilogi yePremieship okokuqala kule sizini, kulandela ukushaya iDurban City, eMoses Mabhida Stadium.

EZimnyama zinamaphuzu angu-28 kanti Abafana Ba’Style banangu-25 endaweni yesibili.

Ukunqoba kweSundowns ngoLwesithathu kuzoyibeka ngenhla kwePirates ngenxa yomehluko wamagoli.

Indlela okwenzeka ngayo kule sizini kubukeka kuzoba nombango ocacile ngesicoco seligi.

Kunamathuba okuthi kugoqwe unyaka iSundowns, yiPirates belingana ngamaphuzu angu-28 njengoba sekudlalwa imidlalo yokugcina nonyaka.

Lokhu kuzokwenza ukuthi imidlalo ishube kakhulu uma sekubuywa kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ngoJanuwari.

U-Aubrey Modiba, odlala emuva kwiDowns, ufisa bavalelise abalandeli babo ngokuthola amaphuzu amathathu okuvala unyaka.

“Kumnandi ukubuyela ekhaya. Bewuhambo olude kakhulu, amahora amaningi emoyeni nasemgwaqeni,” kusho lo mdlali weBafana Bafana.

ISundowns ibiyodlala umdlalo weCAF Champions League neMC Alger, e-Algeria. Umdlalo uphele kungu 0-0.

“IChampions League injaloke, kumele wenze lokhu okufanele ukwenze.

“Sibuyile manje ngakho kumele sibeke imiqondo emdlalweni olandelayo okungoweligi. Nokho uhambo belulude.”

ISiwelele yiqembu elishisa libuye libande selokhu kuqale isizini. Basakwaze ukunqoba imidlalo emine kuphela kwengu-14 asebeyidlalile.

“Nakanjani silindile umdlalo onzima. Izinto zinzima njengamanje kwiPSL, amaqembu enza kahle,” kusho uModiba.

“Akumele sibuke kakhulu imidlalo yabo edlule ngoba lona umdlalo ohluke kakhulu.

“Amaqembu ayagqugquzeleka kakhulu uma edlala nathi, nokuyinto enhle kwiligi yethu.

“Ngicabanga ukuthi njengeqembu sizowulungiselela kahle lo mdlalo… kubalulekile ukuthola amaphuzu amathathu kodwa ngeke kube lula.”

Amaqembu amaningi azobe edlala imidlalo yokugcina nonyaka, nakwiSundowns yinto efanayo.

“Kubalulekile ukugxila kithina njengeqembu, siyazi sisendaweni yesibili kwilogi.

“Siyazi ukuthi iseminingi imidlalo esizoyidlala kodwa lona umdlalo wokugcina kulo nyaka.

“Kubalulekile ukuthi sithole amaphuzu amathathu sibuyele lapho kufanele khona, esicongweni.

“Kumele sidlale imidlalo yethu siyeke ukugxila kwamanye amaqembu, ukuze sivikele isicoco sethu.”

ISundowns seyithathe isicoco seligi kayisishiyagalombili kulandelana. Nokho kulokhu kubukeka sengathi kumele ilwe ukuze ivikele isicoco.