EzakamuvaIbhola

URefiloe Jane ubuye kwanyuka amathemba kwiBanyana 

Ukubuya kukakaputeni weBanyana Banyana, uRefiloe Jane, akungabazeki ukuthi kuzoliqinisa iqembu ngaphambi komdlalo obalulekile neNigeria.

Ompetha base-Afrika bazobhekana neNigeria emdlalweni wokuhlungela ama-Olympic ngoLwesihlanu eMoshood Stadium, ngo-6 ntambama ngokwesikhathi sakuleli.

URefiloe Jane, odlala e-Italy uzobe edlala umdlalo wakhe wokuqala selokhu alimala ngo-Agasti nyakenye.

Akawuqedanga umdlalo weNdebe yoMhlaba bebhekene ne-Argentina, lapho zagcina zibambene ngo 2-2.

Kusukela lapho usephuthelwe yimidlalo eyisishiyagalombili yeBanyana kodwa manje usewumqemane.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngokubuyela eqenjini. Sekube wuhambo olude ukuzama ukwelulama kodwa konke sekudlulile,” kusho uRefiloe Jane kwiSafa Media.

“Ngibeke umqondo ekutheni ngiphinde ngikwazi ukuhlangana kahle neqembu, ngiqinisekise ukuthi amava engiwathole eminyakeni edlule ngiwadlulisela kwabanye abadlali.”

INingizimu Afrika izodlala imilenze emibili neNigeria emizameni yokuzibekisela indawo kuma-Olympic eParis, eFrance.

“Sinomsebenzi wokuzitholela indawo kuma-Olympic azokuba seParis ngasekupheleni konyaka,” kuqhuba uJane.

“Ngicabanga ukuthi sonke yilokho esibeke imiqondo nesisebenza kukona njengeqembu.

“Siyazi ukuthi siphethe abadlali abasezingeni elinjani, sizozama ukuhlanganisa lokho bese siqinisekise ukuthi siyaphumelela.”

Lo mdlali wazi kahle ukuthi ukuyodlala neNigeria ngeke kube yinto elula.

“Yize sesidlale nabo izikhawu eziningi futhi sanqoba muva nje, kodwa kumele sibanike inhlonipho ebafanele.

“Basengompetha base-Afrika ngokubhalwe phansi, uma ubheka ukuthi sebekhonye kanjani e-Afrika izikhathi eziningi. Ngakho ngeke sikuthathe kancane lokho noma sibeye.

“Ukudlala neNigeria akukaze kube lula, ungazibonela umlando phakathi kwamaqembu womabili.

“Noma kungabesilisa okanye abesifazane, ukudlala neNigeria kuhlale kuyimpi. Okwethu ukuthi sazi ukuthi yini okumele siyenze.

“Uma sesingena enkundleni sizodingana sonke kakhulu ngakho ngicabanga ukuthi ukugqugquzelana njengeqembu kuzobaluleka.

“Ngicabanga ukuthi ukuziba umsindo (ozobe usenkundleni) kuzobaluleka bese sibeke imiqondo kulokhu okumele sikwenze enkundleni.”

IBanyana sekunezinsuku iseNigeria iziqeqesha ukulungiselela lo mdlalo obaluleke kangaka.

“Ngicabanga ukuthi okokuqala kumele sibonge iSAFA, iSASOL nabo bonke, ngokuqinisekisa ukuthi sifika eNigeria ngaphambi kokuthi kuze kufike isikhathi sekhalenda leFIFA.

“Ukuzijwayeza isimo bekumqoka kithina. Sesisijwayele nesimo sezulu.”

Umlenze wesibili uzodlalelwa eLoftus Stadium, ePitoli, nge-Ephreli 9.