ULebo Phiri uveza okumenze wagcina engasayinanga kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Umdlali wasesiswini, uLebo Phiri, useveze ukuthi kungani egcine engasayinanga kwiKaizer Chiefs yize bese kuvele kaningi ukuthi ufunwa yileli qembu laseNaturena.
UPhiri, osehlale isikhathi eside edlala eDenmark naseFrance, bekulindeleke ukuthi ethulwe nabadlali abasha baMakhosi kodwa kwagcina kungenzekanga lokho.
IChiefs isayinise abadlali abayishumi njengoba kade ilungiselela ukuqala isizini entsha yeBetway Premiership.
Kulabo badlali kukhona u-Ethan Chislett obedlala e-England, uFlavio da Silva obedlala e-Indonesia noNkanyiso Shinga obeyibamba ePortugal.
Amakhosi aphinde alanda uSiphesihle Ndlovu obedlala kwiSuperSport United, kanti muva nje asayinise uLebohang Maboe obebolekiswe yiMamelodi Sundowns kwiSuperSport ngesizini edlule.
Kuyazicacela ukuthi sekugcwele esiswini seChiefs ngoba kukhona abadlali abasebancane abebevele bekhona abafana noGeorge Matlou noSamkelo Zwane.
Ekhuluma neSABCSport uPhiri, oneminyaka engu-30, uthe wayezimisele impela ngokusayina kwiChiefs.
“Ngaya eVillage (Naturena) futhi wonke umuntu wayebukeka ejabulile kakhulu,” kusho uPhiri.
“Ngangizimisele ngokuya kwiChiefs kodwa abazange babuyele kimina.
“I-agent yami yabanika lokho eyayicabanga ukuthi kungifanele njengomdlali.”
Kuvela ukuthi lo mdlali kwakumele asayine inkontileka entsha neGuingamp yaseFrance kodwa wayefuna ukunika iChiefs ithuba kuqala.
IChiefs iyiqale kahle isizini yeBetway Premiership njengoba ingakashaywa emidlalweni emihlanu esiyidlalile.
Nokho ukuhlangana kahle esiswini akukenzeki ikakhulukazi ngemuva kokuhamba kukaYusuf Maart osedlala e-Austria.
Emuva kubukeka kuqinile kuMakhosi njengoba engakadedeli nelilodwa igoli emidlalweni emihlanu yeligi.
IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana neSekhukhune United ngoSepthemba 16 koweligi.
Ngemuva kwalokho izobe seyiqala umshikashika weCAF Confederation Cup ngempelasonto kaSepthemba 20.

