EzakamuvaIbhola lombhoxo

Umqeqeshi weSharks uzokwehla esikhundleni sokucija iqembu

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plum tree, uzoyeka ukuqeqesha iqembu ekupheleni kwesizini, ngokusho kwalo leli qembu laseThekwini.

Izinto azihambi kahle kwiSharks selokhu kuqale isizini, nosekwenze abaphathi beqembu bathathe izinqumo ezinqala.

Ngokwesitatimende esikhoshwe yiqembu, abaholi beqembu bahlale phansi babukisisa isimo, bebambisene nabo bonke abayingxenye yeqembu.

Bavumelane ngokuthi izinkinga zeSharks ziningi ngakho impumelelo yeqembu kumele ibekwe phambili, ngokuxazulula zonke izinkinga kule nhlangano, hhayi ukuzama izixazululo ezilula nje.

“UJohn Plumtree uzokwehla esikhundleni njengomqeqeshi, ngokwesivumelwano, ekupheleni kwesizini ka-2025/2026,” kuqhuba isitatimende seSharks.

“UPlumtree uzothola ukwesekwa okuphelele abaphathi, izikhulu nabadlali.

“Ukuze siqhubeke nokwakha kulokhu abesevele ekuqalile, uzonikwa isikhundla sokweluleka nokukhulisa eqenjini.

“Ukweseka uPlumtree ukuthola imiphumela emihle esikhathini esisele sesizini, iSharks izoxhumana nabafanele ngokushesha ukuze kubonakale indlela eya phambili.”

UPlumtree, oke wadlala kwiSharks, bese kuyihlandla lesibili eba ngumqeqeshi kuleli qembu laseThekwini.

Ehlandleni lokuqala ube nempumelelo enkulu neSharks, ngaphambi kokuthi kube nokushayisana kuyena noJohn Smith owayeyisikhulu esiphezulu ngaleso sikhathi.

Ephawula uPlumtree uthe: “Into ehlale ibalulekile kimina yilokho okuhamba phambili kwiSharks, futhi lokho kuzohlale kuyinto engigxile kuyona.”

UNeil Powell uzogxila ezintweni ezibalulekile okubalwa kuzona izinhlelo zenkulisa, ukuthola nokugcina abadlali, ezokwelashwa nokululama, ukuhamba kweqembu, ukuhlela nebhajethi.

Isikhulu esiphezulu seqembu, uShaun Bryans, siphawule sathi: indlela besidlala ngayo kule sizini ayiyinhle, futhi kumele sikwamukele lokho senzele abalandeli nabo bonke abathintene neqembu.

“Lokho kuyinto esehlanganweni yonke – kusukela kubaphathi, abadlali nami uqobo.”