EzakamuvaIBetway Premiership

OweDurban City uvuma eyokugaqela umdlali weChiefs

SIHLE NGUBO

IDurban City, engomakoti kwiBetway Premiership, kuvela ukuthi izimisele ngokusayinisa umgadli weKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Leli qembu laseThekwini alikufihli ukuthi lifuna ukubolekwa yiChiefs lo mdlali kodwa likhala ngokuthi Amakhosi abamba eyeka okungacaci ukuthi kwenziwa yini.

Umdlali okukhulunywa ngaye lapha uTashreeq Morris, ofike kwiChiefs ngesizini edlule evela kwiSuperSport United engasekho.

Ukufika kukaKhanyisa Mayo kuleli qembu laseNaturena kwenza ukuthi ushube umbango kubagadli.

IChiefs ivele inoFlavio da Silva, uWandile Duba, u-Etiosa Ighodaro, u-Ashley du Preez noNaledi Hlongwane, osuka kwiDStv Diski Challenge.

Usihlalo weCity, uFarook Kadodia, uzwakalise ukudideka ngokuthi iChiefs ayicacisi ngoMorris.

“Buka, besimfuna lowo mdlali kodwa kukhona okusabambile,” kusho uKadodia kwiSoccer Laduma.

“Angazi ukuthi yini ebambile ngasohlangothini lweChiefs.

“Sikhombisile ngakho konke ukuthi siyamfuna umdlali, sibheke ukuthi iChiefs iqedele konke.

“Silinde iChiefs manje. Thina sesishilo ukuba siyamfuna umdlali, konke kusezandleni zeChiefs.”

IChiefs inemidlalo eminingi kule sizini njengoba izoyibamba kwiCAF Confederation Cup.

Kungenzeka ukuthi lokhu yikona okwenza ingasheshi icacise ukuthi ukuthi bakhona yini abadlali esafuna ukubadedela njengamanje.

Ezinye ezivela eNaturena zithi Amakhosi azimisele ngokusayinisa unozinti kungaze kuvalwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali.

Njengamanje ezintini zeChiefs kuvimba uBrandon Petersen, kanti ebhentshini kusuke kukhona uFiacre Ntwari waseRwanda.

Amakhosi azobuyela enkundleni ngokubhekana neSekhukhune United, eFNB Stadium, ngoSepthemba 16 koweligi.

Ngemuva kwalokho azobe esedlala umdlalo weCAF Confederation Cup ngempelasonto kaSepthemba 20.

Ngasohlangothini lweCity emdlalweni olandelayo izobhekana neSiwelele FC, eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoSepthemba 16.