EzakamuvaIBetway Premiership

UMayo ‘use-Khosified’ futhi uzwakala ejahile ukudlalela iChiefs

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs seyiphinde yasayinisa omunye umdlali okungoka-11 kule sizini entsha ka-2025/2026.

Amakhosi aveze ukuthi uKhanyisa Mayo usezogijima kuwona kulandela ukungabi sezinhlelweni zeqembu lakhe lase-Algeria, iCR Beluizdad, kule sizini.

Leli qembu liqeqeshwa uSead Ramovic owake wacija iTS Galaxy eNingizimu Afrika.

Lo mqeqeshi ucashunwe evuma ukuthi uMayo abambhalisile “ngoba bafuna ukumnika ithuba lokuyogqama kwelinye iqembu, akhombise ikhono lakhe.”

Kuleli qembu udlale imidlalo engu-17 ngesizini edlule, washaya amagoli amane.

UMayo, oyindodana kaPatrick Mayo naye owayedlalela iChiefs, uhambe kuleli esuka kwiCape Town City, edliwe yizembe ngesizini edlule kwiBetway Premiership.

Phakathi kwamaqembu aseke wagijima kuwona eNingizimu Afrika, kubalwa iRoyal AM, iSuperSport United neRichards Bay FC.

Lo mgadli ucashunwe ethumela umyalezo ngevidiyo kubalandeli beChiefs, ekhombisa ukujabula okukhulu.

“Sanibona Khosi Nation. Lona uKhanyiso Mayo, ngiyajabula ukunazisa ukuthi ngiza ekhaya ukuzoba yingxenye yeqembu elikhulu emhlabeni,” kusho uMayo.

“Ngi-khosified…igazi lami linokusagolide nokumnyama. Ukuthula noxolo. Ngiyeza maduze ukuzonibona. Amakhosi for life.”

UMayo uzobanga indawo u-Etiosa Ighodaro, osanda kusayina evela kwiMamelodi Sundowns noFlavio da Silva obedlala e-Indonesia, nobingelele ngegoli ngempelasonto edlule.

Kukhona nabadlali abebevele beyingxenye yaMakhosi okungu-Ashley du Preez, uWandile Duba noNaledi Hlongwane osuka kwiDStv Diski Challenge.