EzakamuvaIBafana Bafana

Kusele kancane iBafana Bafana ingene endumisweni yeNdebe yoMhlaba

SIHLE NGUBO

IBafana Bafana ilokhu isondela ekuzibekiseleni indawo kwiNdebe yoMhlaba kulandela ukubhaxabula iLesotho ngo 3-0 emdlalweni wokuhlunga eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoLwesihlanu.

Iqembu lakuleli liye kulo mdlalo livele lisesicongweni eqoqweni lalo, kanti libukeka lingeke lisanyakaza kule ndawo.

Ukunqoba kwiLesotho kwenze ezikaHugo Broos zahlala ngokukhululeka eqhulwini ngamaphuzu angu-16, ngaphambi komdlalo olandelayo wokuhlunga.

IBafana izobhekana neNigeria enkundleni efanayo ngoLwesibili ngo-6 ntambama.

Ukunqoba lo mdlalo kungenzeka kusho ukuthi uBroos nezakhe sebelithathe baligcina ngakubona ithikithi lokuya kwiNdebe yoMhlaba e-USA ngonyaka ozayo.

Umsebenzi kaBroos, nephini lakhe uHelman Mkhalele, uyabonakala eqenjini lesizwe lakuleli.

IBafana idlale kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast nyakenye, okokuqala ngemuva kwesikhathi eside ihluleka ukuzibekisela kulo mqhudelwano omkhulukazi ebholeni lase-Afrika.

Benze kahle kakhulu njengoba bebuye nendondo yethusi kulandela ukuphuma isithathu kwi-Afcon.

NgoDisemba iBafana izolibangisa eMorocco lapho izoyibamba kwi-Afcon, aphinde wayifaka kuyona lo mqeqeshi waseBelgium.

Emdlalweni wangoLwesihlanu iBafana iyikhombisile iLesotho ukuthi inamava kakhulu kunayo.

Igoli elivule umdlalo lize noMohau Nkota ngomzuzu ka-15, nokwenze yakhululeka iBafana.

Ngesiwombe sesibili iqhubeke lapho igcine khona iBafana, uLyle Foster washaya igoli lesibili ngomzuzu ka-63.

Isipikili sokugcina sishayelwe ngu-Oswin Appollis obeke phakathi igoli lesithathu ngomzuzu ka-67.

Okungakhathaza umqeqeshi uBroos ukuthi kulo mdlalo kulimale abadlali bakhe basemuva, uNyiko Mobbie noThabo Moloisane.